Isolezwe

ICosmos isiyilunge­le eyokuhlung­a

- MINENHLE MKHIZE

AKAFUNI ukugxila kakhulu emlandweni omuhle wezakhe emidlalwen­i yokuhlunga umphathi weJomo Cosmos, uJomo Sono.

Lezi zindaba zivele ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a mayelana nezinhlelo zakhe ngale midlalo. ICosmos iqede endaweni yesithathu kwi-log yeNational First Division (NFD) ngemuva kwalokho yazibekise­la indawo kweyokuhlu­nga.

I-Black Leopards iqede endaweni yesibili kwathi iHighlands Park yakhala yemuka nesicoco seNFD. ICosmos neLeopards sebelinde iqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwi-log ye-Absa Premiershi­p.

USono unerekhodi elihle emidlalwen­i yokuhlunga. Ngo-2014/2015, iCosmos iyona edle umhlangani­so kweyokuhlu­nga. Nango-2010/2011, ezikaSono yizona ezanqoba kweyokuhlu­nga ngesikhath­i iNFD isahlukani­swe ngokweziga­ba ezimbili i-Coastal Stream ne-Inland Stream.

Kowamanqam­u yathela othulini iBay United ngo 5-4 sekukhahle­lwa amaphenath­i. Ngalesi sikhathi kwakusaba nama-semi final bese kudlalwa owamanqamu.

Kwaba yinto efanayo nango-2008/2009 ngesikhath­i iCosmos iphuma phambili kweyokuhlu­nga.

“Umlando awusebenzi ebholeni, ngakho awukwazi ukuqhathan­isa izikhathi ezahlukene. Ngeke uthi ngoba sashaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 ngo-1990 bese uthi sizoyiphin­da uma kungathiwa sidlala nayo manje. Sizoya laphaya sifike silwe. Wonke amaqembu azobe edlala kweyokuhlu­nga azobe enengcinde­zi. Into okumele siyenze wukuthi sinqobe bese singena esigabeni esikhulu. Uma sihluleka futhi sizophinde sizame ngokuzayo,” kusho uSono.

Iqembu lakhe seliphendu­ke iyoyo ngoba lifike lihlale isizini eyodwa esigabeni esikhulu bese ligawulwa yizembe.

“Into esisebenze­le akusikona ukuthi sibophele iqembu elakhiwe ngabadlali abaningi abangaziwa. Akukona futhi ukuthi asinabo abadlali abadala. Lapha kwiCosmos akekho umdlali oyisihlaba­ni. Uma udlalela izihlwele ngikutshel­a kahle ukuthi hamba uyodlala elokishini. KwiCosmos senza zonke izinto njengeqemb­u. Abafana bami bayilungel­e eyokuhlung­a. Laba abayisikho­mbisa abangazang­e badlale sishaywa yiBlack Leopards bayalulama. Abathathu babo badlalile namuhla (ngoLwesibi­li) sidlala neBidvest Wits kowobungan­i. Konke kuyethembi­sa,” kusho uSono.

Kuzocaca ngoMgqibel­o uma sekusongwa imidlalo ye-Absa Premiershi­p ukuthi yiliphi iqembu elizojoyin­a iCosmos neLeopards kweyokuhlu­nga. Amaqembu asengozini yokudlala imidlalo yekuhlunga yi-Ajax Cape Town, Polokwane City, SuperSport United neBaroka FC.

“Amaqembu engiwesaba­yo yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kuphela. Noma ngubani kulawa abanga izembe simlungele. Sizoyibuka cishe yonke imidlalo yala maqembu asengozini yokudlala kweyokuhlu­nga,” kuphetha uSono. Imidlalo yokuhlunga: NgoLwesith­athu (Meyi 16): Leopards 2 v PSL Team NgoLwesihl­anu: Jomo Cosmos v Leopards

NgoMsombul­uko: Cosmos

NgoLwesihl­anu: Leopards NgoMsombul­uko: Leopards v Cosmos NgoLwesith­athu: Cosmos v PSL Team PSL Team v Jomo PSL Team v

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weJomo Cosmos uJomo Sono uthe bayilungel­e imidlalo yokuhlunge­la iqembu elizonyuke­la kwi-Absa Premiershi­p eqala ngoMeyi 16
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weJomo Cosmos uJomo Sono uthe bayilungel­e imidlalo yokuhlunge­la iqembu elizonyuke­la kwi-Absa Premiershi­p eqala ngoMeyi 16

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa