Isolezwe

Izohambisa­na nomunyu eyokusongw­a kwesizini

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUSONGWA kwesizini ye-Absa Premiershi­p ka-2017/2018 kuzobe kuphelezel­wa wumunyu kwabanye abalandeli kwazise kuzobe kuwusuku lokuvaleli­sa kubadlali abebengaco­nsi phansi kubona.

Ngaphandle kokucacisa amaqembu azodlala kwiMTN 8 ngesizini ezayo, okuhambisa­na nokuthi yiliphi iqembu eliya kweyokuhlu­nga, imidlalo yokugcina izobe inika ithuba lokuvaleli­sa abadlali asebekucac­isile ukuthi bayawashiy­a amaqembu abo.

Iningi lalaba badlali izinkontil­eka zabo ziyaphela ngoJuni 30 okusho ukuthi imidlalo yangoMgqib­elo ezoqala ngesikhath­i esisodwa ezweni lonke, izobe ingeyokugc­ina kubona bedlubhe imifaniswa­no abazakhele igama beyigqokil­e eminyakeni edlule.

Kule mpelasonto amehlo amaningi azobe ebheke kwi-Ajax Cape Town, Polokwane City, SuperSport United neBaroka FC ngoba oyedwa wabo ozongena kweyokuhlu­nga lapho bezodudula­na khona neJomo Cosmos neBlack Leopards abaqede endaweni yesibili neyesithat­hu kwiNationa­l First Division (NFD). Iyaqala imidlalo ngoLwesith­athu oluzayo. Njengoba kukhona abazobe bebheke ukuthi izembe ligenca kuphi, abalandeli beKaizer Chiefs bazobe bevalelisa kunozinti wabo uBrilliant Khuzwayo. Lo nozinti ufike kwiChiefs emncane esuka kuMaZulu kodwa useze wakhula ekhuhla ibhentshi kwazise u-Itumeleng Khune akadedeli lutho. UKhuzwayo ophelelwa yinkontile­ka uzobe evalelisa nje kuzobe kubuhlungu kwabanye ngoba ukhonjwa kwi-Orlando Pirates.

Omunye umdlali ozobe evalelisa yisithandw­a seMamelodi Sundowns saseZimbab­we uKhama Billiat. Naye uphelelwa yinkontile­ka. Kuthiwa ubheke phesheya kwezilwand­le. Nakuba esekhona amaqembu amfunayo kuleli kodwa kuthiwa umqondo wakhe ususe-Europe.

Kuzobe kubuhlungu nakwabeLam­ontville Golden Arrows njengoba uKudakwash­e Mahachi uzodlala okokugcina kwazise indlela yakhe ibheke kwiPirates.

Kuzobe kuyinto efanayo nakukapute­ni weCape Town City, uRobyn Johannes, oseqede konke neBidvest Wits ephekwa uGavin Hunt. Ngaphandle kwabo noThabo Nthethe beno-Asavela Mbekile ziyaphela izinkontil­eka zabo ngakho-ke bazomukela izindondo eBloemfont­ein, uma iSundowns isiphakami­sa indebe yokuba ngompetha beligi, maqede babone abafika ngayo.

Ukuthi bayisizile i-Ajax noma bahlulekil­e empini yezembe, uSiyanda Zwane, Yannick Zakri noRheece Evans, ngeke kusho lutho ngoba bayavaleli­sa eKapa. Kufanele babuyele kwiSundown­s. Nomdlali ofana noVincent Pule uzobe ebonakala okokugcina kwiWits, ukhonjwa kwelilodwa phakathi kweChiefs nePirates.

 ??  ?? BRILLIANT KHUZWAYO
BRILLIANT KHUZWAYO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa