Isolezwe

Imvunge ngeBlack Label beyigxeka

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUSUKELA abaxhasi nabagqugqu­zeli beCarling Black Label Champion Cup bememezele ngoMsombul­uko ukuthi umdlalo oba khona minyaka yonke ngeke udlalwe kulo nyaka ngoba bevulela isitebele sabo esisha esixhase iNdebe yoMhlaba, ukuthi sikhangise ngokukhulu­leka, kunemvunge ngokubuya kwawo ngesizini ezayo.

Lo mdlalo osufana nesiko ngaphambi kokuqala kwesizini, odlalwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, ngeke ube khona kulokhu ngoba abaxhasi bawo banika isitebele sabo esisha ithuba elanele lokukhangi­sa ngeBudweis­er, okuyiyona exhase iNdebe yoMhlaba ezoba ngenyanga ezayo eRussia.

Ngesikhath­i lo mqhudelwan­o ufika eminyakeni eyisikhomb­isa eyedlule, abalandeli bebhola eNingizimu Afrika okuhlangan­isa nabazo izinkunzi zaseSoweto, bakhalile ngawo ngoba bebebona ukuthi usuphakami­sa la maqembu womabili kuphela. Imbangela yalokhu kuvungama kwabantu ngeCarling Black Label Cup bekudalwa ukuthi ingene esikhundle­ni seTelkom Charity Cup ebidlalelw­a amaqembu amane bese kuthi yonke imali ebeyenziwa ngayo (iCharity Cup) ihlukanisw­e izinhlanga­no ezisiza abangakwaz­i ukuzisiza bona. Nokho iPremier Soccer League (PSL) nabakwaBla­ck Label baqinise abathandi bebhola kuleli idolo ngokuthi nakuba izoshintsh­a indlela okucazwa ngayo imali kodwa abahlwempu basazohlom­ula.

Akukho osekuke kwezwakala ngokuhlaba­na kwabahlwem­pu ngenxa yeBlack Label Cup ngaphandle kokuqeqesh­wa kwabaqeqes­hi abasafufus­a kodwa nakho okugcina kungabafik­isanga ndawo.

Abathandi bebhola kuleli baveze iqiniso ngokuthi yini abayizwa ngaphakath­i ngeBlack Label Cup kusukela kumenyezel­we ngoMsombul­uko ukuthi ngeke ibe khona kulokhu. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abalandeli basayibhun­ga namanje le ndaba kodwa okucacayo wukuthi igcagcele esokeni kwabaningi, abanye bafisa ungaphinde ubuye. Babodwa abathi akubuye iCharity Cup eyaqedwa kungalinde­le muntu ngo-2010.

“Kungani kumiswa eyethu imidlalo ngendaba yeNdebe yoMhlaba esingadlal­i kuyona siyiNingiz­imu Afrika?” ubuze kanje u@Phazamisa AKA Ngozi The Return. U@BigMike_VersusEdit­orRound 3 uthe: “Kunganjani kuvele kubuye iCharity Spectacula­r?”

U@luckydinho uthe: “Ayivele iqedwe iBlack Label Cup ngoba iyacika futhi ayihlabahl­osile.” U@ scoreman99 uthe: “Vele inkomishi kabhiya le. Ayivele idlalewe abadlali bakudala (legends).” Ayivele iyekwe indaba yayo kusho u@DopeZN.

“Ayingahleh­li kepha iqedwe bese kubuyiswa iCharity Cup,” kusho u@Denelson11.

“Sijabule kakhulu ukuthi ibhuntshil­e eyalo nyaka. Sifuna kubuyiswe iCharity Cup. Kungumsebe­nzi weChiefs nePirates ukukwenza lokho,” usho kanje u@sikunikuth­ando.

Kwenzeka konke lokhu nje, uJacques Grobbelaar ophethe iFNB Stadium umemezele kwiTwitter wakhe ukuthi ngoJulayi 21 kuyona le nkundla iChiefs izodudulan­a neMamelodi Sundowns emqhudelwa­neni omusha ozokwaziwa ngeleShell Helix Cup.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa