Isolezwe

Useqalile ukuthungat­ha ikhaya elisha umdlali weMaritzbu­rg United

- ZAKHELE XABA

USEQALILE ukuthungat­ha ikhaya elisha umdlali wasesiswin­i weMaritzbu­rg United uSheldon van Wyk ohluleke wancama ukuyenza eyakhe indawo eqenjini likaFadlu Davids eligile izimanga ngesizini ka-2017/2018.

UVan Wyk, oyibamba ezinhlango­thini, akazange ayiqale imidlalo eminingi kwiTeam of Choice kwazise isikhathi esiningi ubeyibuka nabalandel­i. Isolezwe lihoshe ukuthi uzama inhlanhla kwiBidvest Wits ethungatha umdlali ozovala isikhala sikaVincen­t Pule obheke kwiKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates ngesizini ezayo.

IZitshuden­i zizame nokuthola uPaseka Mako weChippa United kodwa yenqaba iChili Boys. Nakuba ingakaphel­i isizini kodwa kubukeka iTeam of Choice isivele ivumile ukuthi uVan Wyk aqale ukuzifunel­a iqembu azodlala kulona ngesizini ezayo kwazise inkontilek­a yakhe iyaphela ekupheleni kwesizini.

UVan Wyk usayine kwiTeam of Choice ngo-2014 esuka kwiDiphiri edlala kwiABC Motsepe League emuva kokuthatha iso lobengumqe­qeshi uSteve “Mphathi” Komphela. Ungenile ngesikhath­i iWits idlala owobungani neMamelodi Sundowns eGoli ngoLwesibi­li.

Umthombo weSolezwe ukuqinisek­isile ukuthi uVan Wyk angase afudukele kwiWits ngesizini ezayo.

“UVan Wyk ulapha kwiWits njengoba ngikhuluma nawe. Ungenile enkundleni ukuze ahlolwe nguGavin (Hunt) njengoba kade kudlalwa owobungani neSundowns. Baningi abadlali abahlolway­o kwiWits kulezi zinsuku. Angazi ukuthi isimo sakhe simi kanjani kwiMaritzb­urg kodwa sinaye lapha,” kusho umthombo.

Nakuba uVan Wyk engumdlali osezingeni eliphezulu kodwa uthwale kanzima ukuhlwitha ijezi kuDeolin Mekoa noMxolisi Kunene abayibamba kwesokunxe­le kwiTeam of Choice. IMaritzbur­g izodlala owamanqamu weNedbank Cup okokuqala emlandweni wayo uma isidudulan­a neFree State Stars eKapa ngoMeyi 19. MgoMgqibel­o izovala isizini ngowabakha­ya baKwaZulu-Natal neLamontvi­lle Golden Arrows eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngo-3 ntambama.

 ??  ?? SHELDON VAN WYK
SHELDON VAN WYK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa