Isolezwe

U-Igesund uthwele uPitso ngeqoma

- MINENHLE MKHIZE

UMTHWELE ngeqoma umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane, owayecija Abafana Ba Style neBafana Bafana, uGordon Igesund.

U-Igesund ophethe izicoco ezine zePremier Soccer League (PSL) azinqoba namaqembu ehlukene akakuboni okuzoma endleleni kaMosimane ekutheni abalwe nezingwazi zabaqeqesh­i eNingizimu Afrika.

U-Igesund ubambene ngezicoco ezine noTed Dumitru ongasekho emhlabeni noGavin Hunt ololonga iBidvest Wits. Laba baqeqeshi balandelwa nguMosiman­e ngezicoco ezintathu zeligi. UMosimane unqobe isicoco sakhe sesithathu seligi kule sizini neSundowns.

U-Igesund utuse amagalelo kaMosimane ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a.

“Ngifisa ukubongela uPitso, wenze umsebenzi omuhle. Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bacabanga ukuthi kulula ukunqoba isicoco neqembu elikhulu. Nokho akunjalo. Lapha kumele ukwazi ukumelana namakhanda abadlali abahlukene. Wonke amehlo asuke ethe njo kuwena ukuthi wenze ezibukwayo. “Kunzima ukunqoba isicoco seligi uphindelel­a. Akuwona umsebenzi olula. Ngakho anginaso isizathu sokuthi ngingabaze ukuthi angasinqob­a isicoco sesine. Kuyoba ngumlando kuyena ngoba uzobe eseshaya ngezicoco ezine. Vele amarekhodi ahlalele ukuthi ephulwe. Nokho kumele azi ukuthi nami ngisasibhe­kile isicoco sami sesihlanu seligi. Ikhefu lingisizil­e. Sengikulun­gele ukubuyela ekuqeqeshe­ni esigabeni esikhulu,” kusho u-Igesund.

Le ngwazi yadla isicoco seligi neManning Rangers, Santos, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

“ISundowns kumele ishayelwe ihlombe ngendlela esinqobe ngayo isicoco seligi. Bekungekho ukungabaza ukuthi izoba ngompetha. Ikwenze lokhu ibhekene nezimo ezinzima njengoba ibidlala nakwiCAF Champions League. Abebebheke­ne nakho ngikwazi kahle. Eqenjini elincane kulula ukunqoba isicoco seligi ngoba isuke ingekho ingcindezi. Noma ungaqeda endaweni yesibili noma eyesithath­u wonke umuntu uzokushaye­la ihlombe aphinde akuncome ngomsebenz­i omuhle.

“Eqenjini elikhulu ayingenwa indaba yokuqeda endaweni yesibili. Ngesikhath­i ngisinqoba neRangers neSantos akekho owayesibhe­kile. Into engase ngilwa nayo wukwenza abadlali bakholwe wukuthi singawina. Noma kungathiwa asiwinanga sasingeke sikhale kakhulu ngoba vele sasingenay­o ingcendezi yokuthi sibe ngompetha,” kusho u-Igesund.

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama iSundowns izobhekana neBloemfon­tein Celtic emdlalweni wokugcina we-Absa Premiershi­p eDr Molemela Stadium. Ngemuva komdlalo izonikwa ngokusemth­ethweni indebe yayo.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: SuperSport United v Baroka (Lucas Moripe Stadium); Polokwane City v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium); Maritzburg United v Lamontvill­e Golden Arrows (Harry Gwala Stadium); Platinum Stars v Bidvest Wits (Royal Bafokeng Stadium); Ajax Cape Town v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium); Orlando Pirates v Free State Stadium); Bloemfonte­in Celtic v Mamelodi Sundowns (Dr Molemela Stadium); AmaZulu v Cape Town City (King Zwelithini Stadium)

 ??  ?? UMQEQESHI uGordon Igesund ubabaza amagalelo kaPitso Mosimane ocija iMamelodi Sundowns ambona enethuba lokudlala isicoco seligi sesine Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMQEQESHI uGordon Igesund ubabaza amagalelo kaPitso Mosimane ocija iMamelodi Sundowns ambona enethuba lokudlala isicoco seligi sesine Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa