Isolezwe

OweSharks utusa owamaBhoko­bhoko ngefomu

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weCell C Sharks, uRobert du Preez, akawuvali umlomo ngendlela abadlali bakhe abebebizel­we ekhempini yamaBhokob­hoko ebiseThekw­ini muva nje, ababuye nezimpawu zokuvuthwa ngayo ngesikhath­i esikahle lapho iVodacom Supre Rugby isiqala icacisa abafana emadodeni.

NgoMgqibel­o iSharks imelwe umqansa wokuzibuyi­sa zishisa izinduku kwiVodacom Bulls ebukise ngabo besekhaya emasontwen­i amathathu edlule. Okwenza lo mdlalo weSharks ube semqoka ukuthi uma iwunqoba bese eminye imiphumela ihambisana nalokhu abakufisay­o, leli qembu laseThekwi­ni lizobe likhona emidlalwen­i yokuhlunga.

Uma konke kuzoya ngokukaDu Preez nakanjani iSharks izowunqoba lo mdlalo ngoba lokhu uRassie Erasmus abenze khona abadlali bakhe abayisishi­yagalombil­i abebabizel­e ekhempini, kwenze umehluko omkhulu.

“Angazi ukuthi ubenzeni uRassie kodwa laba ababizile babuye behluke kakhulu. Lokhu kwenzeke kahle ngesikhath­i sigxilile ekukufaken­i ezingqondw­eni zabadlali ubumqoka bokubeka iqembu phambili. Ngemuva kokunqoba kumaStorme­rs (DHL) sithole ithuba lokukhumbu­la ukuthi kukhulu futhi kuningi kangakanan­i esingakwen­za yinqobo nje uma sikukholwa lokho.

“Namanje angikakhol­wa ukuthi ithina laba abebedlala neHighland­ers. Ngabe ngenza iphutha uma ngiziba igalelo likaRassie kulesi sikhathi esincane nje abebathath­e sona.

“Sinqoba kwiHighlan­ders bonke abadlali abebesesik­imini okuhlangan­isa nebhentshi badlale lo okuthiwa unenkosi phakathi umbhoxo kodwa laba abebeke bathi ukuyoseben­za noRassie bebehluke kakhulu kunathi sonke. Umdlalo bawenze waba ngabo. Bebengasab­i ukwenza amaphutha. Kusemqoka ukuthi simbonge uRassie ngokusivus­a ngesikhath­i lapho umqhudelwa­no usungena khona kuvuthonda­ba,” kusho uDu Preez.

Abadlali abafana noMakazole Mapimpi, Tendai Mtawarira, Lukhanyo Am, Robert du Preez, Curwin Bosch noSbu Nkosi ngabanye balaba uDu Preez akhuluma ngabo. Bakhombise izimpawu zokukhulu emdlalweni weHighland­ers ikakhuluka­zi uBeast noMapimpi abasefomin­i emangalisa­yo kulezi zinsuku.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa