Akanangcindezi ngowamagoli uTau
ULINDELE noma yini ngomklomelo wamagoli umgadli weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, okufanele ashaye inethi emdlalweni wokugcina we-Absa Premiership ukuze azibeke ethubeni lokuqopha umlando eNingizimu Afrika.
UTau ubambene ngamagoli angu-11 noRodney “Rama G” Ramagalela wePolokwane City. Uqokwe njengomdlali ovelele, i-Absa Premiership Player of The Moth ka-Ephreli.
Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uqokwe njenge-Absa Premiership Coach of The Month ka-Ephreli. Umdlali owine umklomelo wegoli elihamba phambili, elivotelwa ngabalandeli, ugcine engamenyezelwanga ngoba kuthiwa uyagula.
UTau, okulindeleke ukuthi adle umklomelo womdlali ovelele wesizini, iPSL Footballer of The Season ka-2017/2018, kudingeka ashaye igoli uma iSundowns isibhekene neBloemfontein Celtic emdlalweni wokugcina weligi eDr Molemela Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama ukuze awine umklomelo wamagoli. Uma uTau egcina eyidle yomibili imiklomelo uzozifaka emlandweni okukhona kuwona uCollins Mbesuma noSiyabonga Nomvethe abawine umklomelo womdlali ovelele bawusheba nowamagoli.
“Uma ngiwuwina umklomelo wamagoli kulungile. Uma futhi kungenzeki ayikho inkinga, anginayo ingcindezi. Ukungawuwini kwami ngeke kuyigqibe isizini enhle esibe nayo siyiqembu. Siwine iligi. Uma ngingawini lutho noma ngingafiki lapho engifuna ukufinyelela khona ngeke kuwugqibe umsebenzi engiwenzile,” kusho uTau.
“Uma kukhona okuzayo, siyajabula ngoba kuwumphumela womsebenzi esiwenzile siyiqembu nabantu abakhathule indima empilweni yami. Bazoziqhenya ngami. Uma kwenzeka kuzongifaka esibalweni sabadlali esiziqhenya ngabo eMzansi. Yilapho sengingafisa izinto ezinkulu. Uma kungenzeki ngisazoba umuntu ofanayo ofuna ukuwina, obhiyoza kakhulu uma siwina izindebe njengeqembu.”
UTau ungomunye wabadlali beSundowns abangase bayishiye ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019 okukhona kubona uKhama Biliat okungakacaci ukuthi uzojoyina liphi iqembu no-Anele Ngcongca ophindela eBelgium.
UMosimane, osekunesikhathi egcizelela ukuthi uTau kumfanele ukudla umklomelo womdlali ovelele kuleli, uthe abanandaba kangako nowamagoli. “Ukuba sifuna ngaleyo ndlela ukuthi uPercy awine umklomelo wamagoli ngabe simnika ngisho amaphenathi. Kodwa asikwenzi lokho ngoba sibeka iqembu phambili. Ngesikhathi sidlala ne-Ajax Cape Town sithole iphenathi, besingamnika yona ukuze andise amagoli. Eminyakeni engu-15 ngingumqeqeshi angikaze ngisebenze nomdlali ofana naye. Siyalwa naye, kwayena angakufakazela lokho. Angikaze ngicabange ukuthi angafinyelela kuleli zinga. Ngangizitshela ukuthi ungomunye wabadlala umjiko kuphela. Ungikhombisile ukuthi angibonanga kahle.”
I-PSL iveze ukuthi ngoMeyi 16 kuzovulwa ukuvotela igoli elivelele lesizini kuthi ngoMeyi 21 kwethulwe uhlu lwemikomelo yonke. UMosimane uveze ukuthi uvotele u-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs noSiphesihle Ndlovu weMaritzburg United kowomdlali ovelele ovotelwa
ngabaqeqeshi.