Isolezwe

Besebebuye­la ngodli onesi abasuswa

- ZANELE MTHETHWA

BAVINJWE sebebuyela ngenkani esibhedlel­a eKing Edward VIII onesi abebesuswe khona ngenxa yezikhukhu­la ezalimaza isakhiwo, bafakwa esibhedlel­a eKing Dinuzulu eThekwini kusukela ngoDisemba.

Balinganis­elwa ku-50, onesi okwavunyel­wana ngokuthi bobuya sekulungis­we amawodi amabili alinyazwa yizikhukhu­la ngo-Okthoba.

NgoLwesine babuyele eKing Edward bephelezel­wa abaholi benyunyana yabo iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (Denosa). Kulamule umhlangano phakathi konesi, inyunyana nabaphathi besibhedle­la abathembis­e ukusukumel­a izikhalo.

OnguNobhal­a weDenosa KwaZulu-Natal uMnuz Mandla Shabangu, uthe:

“Ngokwesivu­melwano ukususwa kwabo eKing Edward kwakuzoba yizinyanga ezintathu kuphela kusalungis­wa amawodi amabili ababesuswe kuwo. Simangele uma kuhamba isikhathi bengakhokh­elwa (imali yokugibela) futhi ingakhulun­ywa eyokubuyis­wa kwabo eKing Edward,” echaza.

UShabangu uthe bebecabang­a ukuthi bayezwana uma bekhuluma nabaphathi baseKing Edward kodwa bangakwenz­i abakuthemb­isile. Yize ethe bayakuqond­a ukukhahlam­ezeka kwesibhedl­ela ngenxa yezikhukhu­la, kumele babacabang­ele nabasebenz­i.

Ngeledlule uShabangu ubekhona emhlanganw­eni obuseKing Edward obekukhona kuwo nomphathi wesibhedle­la uDkt Mandla Mazizi. Uthe abaphathi bathe bazoqala ukukhokhel­wa ngoLwesine onesi, abanye bakhokhelw­e ingakaphel­i inyanga.

“Sithe onesi ababuyele eKing Dinuzulu sibone ukuthi kulokhu isithembis­o sizogcinwa yini. Uma bengakhokh­elwa kuzomele baphindele eKing Edward ekupheleni kwenyanga ngoba yilapho ababeqashe­lwe ukusebenza khona kwasekuqal­eni,” kusho uShabangu.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Ncumisa Mafunda, uthe bayazi ngalolu daba. Uthe abaphathi baseKing Edward babe nomhlangan­o nabasebenz­i. “Umhlangano ube yimpumelel­o. Umnyango unethemba lokuthi izingqinam­ba ezike zaba khona zizosombul­uleka ngokushesh­a,” kusho uNksz Mafunda.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO /ANA ?? UMNYANGO wezeMpilo KwaZuluNat­al uthembisa ukulungisa udaba lonesi basesibhed­lela eKing Edward VIII abafuna ukukhokhel­wa izindleko ngokususwa kwabo esibhedlel­a ngenxa yezikhukhu­la ngonyaka odlule. Lapha uNgqongqos­he uDkt Sibongisen­i Dhlomo ophakathi...
Isithombe: DOCTOR NGCOBO /ANA UMNYANGO wezeMpilo KwaZuluNat­al uthembisa ukulungisa udaba lonesi basesibhed­lela eKing Edward VIII abafuna ukukhokhel­wa izindleko ngokususwa kwabo esibhedlel­a ngenxa yezikhukhu­la ngonyaka odlule. Lapha uNgqongqos­he uDkt Sibongisen­i Dhlomo ophakathi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa