Isolezwe

Kuyashuba kwiSuper Rugby

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUZODABUKA amabhulukw­e kubathandi bamaqembu aseNingizi­mu Afrika agijima kwiVodacom Super Rugby njengoba umqhudelwa­no usungena lapho kucaca khona abafana emadodeni ngeyokuhlu­nga.

Ukunqoba kweVodacom Bulls ngo 39-33 kwiCell C Sharks emdlalweni obushisa kusukela uqala waze waphela, kuvulele wonke amaqembu akhona kuleli qoqo ukuba abe nethuba lokuzibeki­sela indawo lapho kunoju khona.

Ukunqoba kweBulls lapha ebese iziphinda okwesibili emasontwen­i amabili ezikaRober­t du Preez, kusho ukuthi eqoqweni laseNingiz­imu Afrika, ezikaJohn Mitchell yizona kuphela ezithole umphumela oncomekayo kule mpelasonto. Ukunqoba kweBulls kulo mdlalo obuwuginqi­gonqo kuyibeke endaweni ekahle uma izimisele ngempela ngokuhamba ibanga elide ibuyise udumo njengoba kuseyiyona kuphela enomlando wokudla lesi sicoco emaqenjini aseNingizi­mu Afrika. I-Lions ekhale ngaphansi kwiOtago Highlander­s ngoMgqibel­o ekuseni, yiyona eqhwakele kuleli qoqo laseMzansi kodwa kusukela kwiJaguare­s esendaweni yesibili, mabili kuphela amaphuzu aphakathi kwayo neStormers esendaweni yesihlanu. Noma ngabe yiliphi iqembu elizogcina liqhwakele kuleli qoqo lizohlaban­a ngokudlale­la i-quarterfin­al ekhaya. Ikhona enye indlela yokuzifaka kweyokuhlu­nga ngokuqeda kunombolo 8 noma ngaphezulu uma esehlangan­iswe wonke amaqoqo.

Njengamanj­e iJaguares, evuke njengotshw­ala esiswini kwabaningi kule sizini, yiyona ekunombolo 8 njengoba kuyilona futhi leli qembu lase-Argentina elilele isibili ngemuva kweLions kwelakulel­i iqoqo.

Lesi simo esidaleke ngokushayw­a kweSharks sizokwenza yonke imidlalo esalele amaqembu aseNingizi­mu Afrika ibe ngenzima kakhulu. Kule midlalo kuzoshuba abalandeli bemincile kwazise wonke la maqembu athintekay­o anawo amava okudlulela phambili uma kuwusuku lwawo.

Ngemuva kwemidlalo engu-13 kududulwan­a, iqoqo laseNingiz­imu Afrika lithothene kakhulu ukuthi kungaba khona othi uyazi ngokuzokwe­nzeka.

ILions eqhwakele inamaphuzu angu-31 kulandele iJaguares ena-24, Bulls (24), Sharks (24) bese kuba iStormers ena-23. IStormers neLions sebedlale imidlalo engu-12 bese kuthi laba abanye abathathu basadlale ewu-11.

Imiphumela yeVodacom Super Rugby: Bulls 39-33 Sharks; Stormers 9-15 Chiefs; Brumbies 24-27 Rebels; Highlander­s 39-27 Lions; Crusaders 31-29 Waratahs; Blues 15-36 Hurricanes; Sunwolves 63-28 Reds.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa