Kuyashuba kwiSuper Rugby
KUZODABUKA amabhulukwe kubathandi bamaqembu aseNingizimu Afrika agijima kwiVodacom Super Rugby njengoba umqhudelwano usungena lapho kucaca khona abafana emadodeni ngeyokuhlunga.
Ukunqoba kweVodacom Bulls ngo 39-33 kwiCell C Sharks emdlalweni obushisa kusukela uqala waze waphela, kuvulele wonke amaqembu akhona kuleli qoqo ukuba abe nethuba lokuzibekisela indawo lapho kunoju khona.
Ukunqoba kweBulls lapha ebese iziphinda okwesibili emasontweni amabili ezikaRobert du Preez, kusho ukuthi eqoqweni laseNingizimu Afrika, ezikaJohn Mitchell yizona kuphela ezithole umphumela oncomekayo kule mpelasonto. Ukunqoba kweBulls kulo mdlalo obuwuginqigonqo kuyibeke endaweni ekahle uma izimisele ngempela ngokuhamba ibanga elide ibuyise udumo njengoba kuseyiyona kuphela enomlando wokudla lesi sicoco emaqenjini aseNingizimu Afrika. I-Lions ekhale ngaphansi kwiOtago Highlanders ngoMgqibelo ekuseni, yiyona eqhwakele kuleli qoqo laseMzansi kodwa kusukela kwiJaguares esendaweni yesibili, mabili kuphela amaphuzu aphakathi kwayo neStormers esendaweni yesihlanu. Noma ngabe yiliphi iqembu elizogcina liqhwakele kuleli qoqo lizohlabana ngokudlalela i-quarterfinal ekhaya. Ikhona enye indlela yokuzifaka kweyokuhlunga ngokuqeda kunombolo 8 noma ngaphezulu uma esehlanganiswe wonke amaqoqo.
Njengamanje iJaguares, evuke njengotshwala esiswini kwabaningi kule sizini, yiyona ekunombolo 8 njengoba kuyilona futhi leli qembu lase-Argentina elilele isibili ngemuva kweLions kwelakuleli iqoqo.
Lesi simo esidaleke ngokushaywa kweSharks sizokwenza yonke imidlalo esalele amaqembu aseNingizimu Afrika ibe ngenzima kakhulu. Kule midlalo kuzoshuba abalandeli bemincile kwazise wonke la maqembu athintekayo anawo amava okudlulela phambili uma kuwusuku lwawo.
Ngemuva kwemidlalo engu-13 kududulwana, iqoqo laseNingizimu Afrika lithothene kakhulu ukuthi kungaba khona othi uyazi ngokuzokwenzeka.
ILions eqhwakele inamaphuzu angu-31 kulandele iJaguares ena-24, Bulls (24), Sharks (24) bese kuba iStormers ena-23. IStormers neLions sebedlale imidlalo engu-12 bese kuthi laba abanye abathathu basadlale ewu-11.
Imiphumela yeVodacom Super Rugby: Bulls 39-33 Sharks; Stormers 9-15 Chiefs; Brumbies 24-27 Rebels; Highlanders 39-27 Lions; Crusaders 31-29 Waratahs; Blues 15-36 Hurricanes; Sunwolves 63-28 Reds.