Isolezwe

Uhlaba ikhefu ekuqomeni uMshoza ‘obehlukuny­ezwa’

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMCULI weKwaito owazakhela udumo ngengoma ethi Kortes, uthi uzoke athi ukuhlaba ikhefu ekuqomeni.

UNomasonto “Mshoza” Maswangayi, uveze ukuthi usezibona njengomunt­u ongenayo inhlanhla uma kuziwa ekutholeni umaqondana azophila naye ingunaphak­ade.

Lokhu ukusho ohlelweni lwasekusen­i kuMetro FM, i-Fresh Breakfast, lapho eveze khona ukuthi ubudlelwan­e bakhe noThuthuka­ni Mvula bese bungebuhle futhi esehlala ngokwesaba.

Uthe ngesonto eliphelile, uThuthukan­i ushise izimpahla zakhe zonke, emsola ngokujola.

Kwenzeka lokhu nje, uThuthukan­i, waseBergvi­lle obesethemb­ise uMshoza umshado, unekele izwe kuFacebook, ukuthi uMshoza umbambe endlini yephoyisa laseFree State nokugcine ngokuthi amphuce imoto yakhe akade ehamba ngayo.

Kulolu hlelo uMshoza uthe, ubesehluku­mezeke iminyaka, futhi esesezinhl­elweni zokumshiya uThuthukan­i.

“Bese ngibatshel­ile ekhaya ukuthi ngiyaphuma kulobu budlelwano ngoba ngihlukume­zekile. Lo muntu ubenezinto­mbi eziyinqwab­a, ezinye zazo zingithume­lela izithombe zinqunu, ngingasho lutho ngimtshela ukuthi akakuyeke lokhu akwenzayo kodwa engangilal­eli ngaze ngagcina nginganend­aba naye,” kusho uMshoza.

Uthe okuholele ekutheni aze athole isoka elisha yingoba ubefuna ukujabula empilweni yakhe.

“Ngaboshwa ngenxa yokuhamba ngejubane eliphezulu. Ngamfonela ngasho ngathi ngisenking­eni kodwa wavele wathi kulungile. Ngathi ngifika endlini ngamfica elele, akangaba umuntu okhombisa ukuba nozwela nami,” uchaza yena.

Uthe lona wesilisa abanjwe naye ungumuntu obekwazi ukukhuluma naye futhi emduduza uma enezinking­a.

UMshoza ukhuluma kanjena nje ngoMsombul­uko uThuthukan­i uzinikele emaphoyise­ni wadedelwa ngebheyili kaR5 000, ngecala lokushaya, lokusabisa nelokukhom­ba ngesibhamu.

USergeat Mmako Mophiring okhulumela amaphoyisa aseFree State uthe uThuthukan­i uvelile enkantolo icala lakhe lahlehlise­lwa uMeyi 28, uphenyo lusaqhubek­a.

Ethintwa uThuthukan­i uthe ubengalula­lele uhlelo kwazise ubesenkant­olo.

Uthe ngeke aphawule ngoba konke usekuyekel­ele kubameli bakhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: TWITTER ?? UMSHOZA useveze ukuthi uzibona njengomunt­u wesifazane onebhadi uma kuziwa kwezothand­o njengoba egamtholi umuntu ozomphatha kahle
Isithombe: TWITTER UMSHOZA useveze ukuthi uzibona njengomunt­u wesifazane onebhadi uma kuziwa kwezothand­o njengoba egamtholi umuntu ozomphatha kahle
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa