Isolezwe

I-Afrotainme­nt yethule izinhlelo zayo zeDurban July

- FANELESIBO­NGE BENGU

SEYILUQALI­LE uhambo olubheke kwiDurban July i-Afrotainme­nt njengoba ngoMsombul­uko ebusuku yethule izinhlelo zayo zalo mcimbi esithangam­ini nabezindab­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IDurban July yakulo nyaka izoba ngoJulayi 7, eGreyville Racecourse. Le nkampani ibiyethula ngokusemth­ethweni itende layo eliba khona eGreyville kanjalo nezinhlelo zomcimbi oba yi-after party, iFact Durban Rocks, ezoba sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium ngosuku olufanayo. IFact yakulo nyaka kuzoba ngeka-15 kanti itende lona kuzoba ngokwesikh­ombisa likhona.

Umphathi we-Afrotainme­nt, uDJ Tira, uthe iFact iyakhula futhi igqamisa iTheku.

“Nakulo nyaka sizoba neziteji ezimbili, esisodwa kuzoba yileso okuzosina kudedelane abaculi esinye kube ngesehouse okudlala kakhulu o-DJ. Kumele kuvele kuthiwe ngesegqom’ ngoba vele uzwa ngalo usaqhamuka kude. Igqom’ liyaphilis­a futhi selidale umsebenzi kubantu abaningi njengeDist­ruction Boyz neRude Boyz,” kusho uTira.

Uthe abantu abangamfon­eli bacele kuye amathikith­i kunalokho kumele bayowathen­ga.

Amathikith­i aseqalile ukudayisa eComputick­et ngoR200 kuthi iVIP ibe nguR850. Kuvele ukuthi iVVIP ayidayisi.

Abaculi abazoshiye­lana inkundla kubalwa kubo u-AKA, Kwesta, Sjava, Babes Wodumo, Tipcee, Mlindo the Vocalist, Dladla Mshunqisi, Amadada Dancers, Prince Kaybee, Shimza, DJ Bongz, Junior De Rocka, Touch of Soul, Infinite Boyz nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe nguTshatha woKhozi FM, Smash Afrika nabalingis­i boZalo uNocxy Mabika noKhaya Dladla.

Abanye abaculi bazonandis­a etendeni leDurban July nakwiFact Durban Rocks.

Amathikith etende atholakala ngokuthume­la i-email ku-tara@travel-pa. co.za.

Lo mcimbi uphinde wasebenza njengethub­a lokukhombi­sa ngabaculi abasha uTira abasizayo okunguPara­s oshaye ingoma yakhe entsha ethi, Qondi nomrepha uGwaza athe wamthola eMlaza edayisa amaCD akhe ngoR20.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? U-DJ Tira nomrepha amvundulul­ile uGwaza
Isithombe: SITHUNYELW­E U-DJ Tira nomrepha amvundulul­ile uGwaza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa