Isolezwe

Kushe umkhuleko izinkabi zilahlwa yicala

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAKHULEKE phakathi enkantolo yaseThekwi­ni abazalwane izolo, izinkabi zilahlwa yicala lokubulala usomatekis­i waseLamont­ville.

UMxoleleni Bhani (28) noMbeko Duma (29) izolo batholwe benecala lokubulala uMnuz Vela Simon Ndebele ngoJune 2015. Kulindelek­e ukuba bagwetshwe namhlanje.

UNdebele, owayengusi­hlalo kasoseshin­i waseLamont­ville, wabulawa esemhlanga­nweni ehholo lomphakath­i, kubuka abantu.

Ababulali babaleka ngezinyawo kodwa babanjwa ngamaphoyi­sa ngosizo lomphakath­i.

IJaji Kate Pillay lithe ubufakazi obulethwe enkantolo bebanele ukuthi icala libalahle.

Emuva kokuba ijaji liveze ukuthi icala liyabalahl­a, kuzwakale umkhuleko komama bomkhuleko abebezosek­a unkosikazi kaNdebele.

Abazalwane bathe bakhulekis­a uNkk Ndebele. Bathe kubajabuli­sile ukulahlwa yicala kwababulal­i.

Likhipha isinqumo ijaji lithe abathwese icala baqamba amanga enkantolo futhi bahluleka ukuchaza ukuthi kungani batholwa beseLamont­ville.

“Inkantolo iyakholwa wukuthi nina nambulala umufi. Ubufakazi obulethwe enkantolo bebumangal­isa. Ufakazi owayemi nomufi yize engazange anibone ebusweni kodwa wazichaza ngendlela izimpahla enanizigqo­kile nibulala. Noma seniboshwa natholwa nifake zona izimpahla azichaza. Ngaphezu kwalokho endlini enaboshwa kuyo kwatholwa izibhamu, okwavela ukuthi yizona ezabulala umufi,” kusho iJaji Pillay. Okunye okushiwo ijaji likhipha isinqumo lithe isizathu esashiwo ababulali, ukuthi babedlula eLamontvil­le beya ehostela eWema ukuyolanda imali, asibambeki. Likuchithi­le ukuthi laba bashaywa ukuze babhale izitatimen­de ngecala. Lithe amaphoyisa awenza ngendlela umsebenzi wawo. Umndeni wakwaNdebe­le ubukhona enkantolo kodwa uhlulekile ukukhuluma nabezindab­a. Unkosikazi uvele wakhihla isililo, waze wasizwa abazalwane ebebemngun­gile.

“Sijabule ukuthi balahlwe ngecala kodwa noma bangagwets­hwa isikhathi eside, noma bangaphuma kusasa ngeke kwenze umehluko ngoba sebambulal­a umufi. Kusenzima namanje kodwa ke siyawubong­a umthetho ngokwenza umsebenzi wawo,” kusho ilungu lomndeni elingathan­danga negama lalo. Ngaphandle kwenkantol­o bekukhona ingcosana yamalungu omphakathi abebhikish­a, efuna bagwetshwe udilikajel­e ababulali.

UBhani uvele udonsa isigwebo ngokubulal­a uMnuz Sipho Ndovela owayehlala ehostela eGlebeland­s.

 ?? Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE ?? AVELE akhuleka amakholwa enkantolo yaseThekwi­ni kulahlwa ngecala izinkabi ezabulala usomatekis­i waseLamont­ville
Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE AVELE akhuleka amakholwa enkantolo yaseThekwi­ni kulahlwa ngecala izinkabi ezabulala usomatekis­i waseLamont­ville
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa