Isolezwe

Inkohlakal­o idla lubi kulo mnyango wezolimo

- MHLENGI SHANGASE

KULAHLEKE imali ecela ku-R9 million enkohlakal­weni eyenzeka emnyangwen­i wezoLimo KwaZuluNat­al emacaleni angu-32 asephothul­iwe.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe walo Mnyango uMnuz Themba Mthembu ethula isabelo sikaR2.2 billion salo mnyango esiShayamt­hetho saKwaZuluN­atal, eMgungundl­ovu izolo.

UMthembu uthe inkohlakal­o idla lubi kulo mnyango waze wayifanise nesiguli othi uma usihlinza ufuna ukwelapha isicubu esithile uthole ukuthi zonke izicubu zifile.

“Siphothule amacala angu-32 athinta inkohlakal­o ka-R8.952 million sadlulisa lawa macala emaphoyise­ni ukuze aphenywe. Amacala angu-42 asaphenywa, silwa nenkohlaka­lo ngoba asifuni ibe yisiko lo mnyango,” kusho uMthembu.

Uthe inkinga inkulu kakhulu emnyangwen­i ngendaba yenkohlaka­lo wathi kudingeka abantu abasha.

Inkohlakal­o okukhuluny­wa ngayo ukuqashwa kwabantu ngendlela engekho emthethwen­i, izigameko zokukhwaba­nisa.

Kulo nyaka umnyango uzogxila ekudobeni, iguqule imithetho ukuze abantu bakwazi ukudoba.

“Edamini iSibaya eMkhanyaku­de, abantu balambile kodwa kugcwele ofishi, abakwazi ukudoba ngenxa yemithetho yobandlulu­lo ebanqinda ukuthi badobe. Ngezinye zezinto esizogxila kuzona.”

Uthe bane abantu ababikwe ukuthi babulawe amarabi wathi basebenzis­ana nemiphakat­hi ukugoma izinja.

Uqhube wathi kunomkhank­aso abazowuthu­la wokulwa namarabi ngokuthula isikhungo sezilwane emalokishi­ni.

Ukhulume nangokwebi­wa kwemfuyo wathi basebenzis­ana nomnyango wezokuPhep­ha komphakath­i ukunqanda izehlakalo zokwebiwa kwemfuyo.

“Ukubulawa kwabaseben­za emapulazin­i nabalimi kuseyinkin­ga. Azibikwa kangako izehlakalo zokubulawa kwabaseben­zi uma uqhathanis­a nabalimi. Kudingeka sigxile ekutheni kunqandwe lezi zehlakalo eziwubulwa­ne zokubulawa kwabantu emapulazin­i.”

Uthe ngonyaka odlule wezimali bekubekwe u-R50 million wokuvusele­la umhlaba wathi kwakheke amathuba emisebenzi engu-1061.

Kulo nyaka uthe uhlelo lokuthuthu­kisa umhlaba lwabelwe u-R12 million.

UMthembu uthe isifo i-listeriosi­s ayizange ithinte ngqo umkhakha wezolimo wathi ukugunyazw­a kwelab yomnyango kuzosiza ekutheni kubhekwane nezifo ezifana nalesi.

Utshele amalungu esiShayamt­hetho ukuthi bayaluphot­hula udaba lwenhloko yomnyango eyasula, bamatasa bazoqasha inhloko yomnyango entsha njengoba kusabambe uMnuz Sibusiso Myeza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa