Isolezwe

Kuphazamis­eke uhlelo kutheleka uZuma

- MHLENGI SHANGASE

KUPHAZAMIS­EKE okwesikhas­hana ukwethulwa kwesabelo sezimali soMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal esiShayamt­hetho eMgungundl­ovu izolo kutheleka obenguMeng­ameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.

Amaqembu aphikisayo, iDA, EFF neNFP aphumile ngesikhath­i kungena uZuma.

I-DA iqale yabuza kusihlalo ukuthi kuvumeleki­le yini ukuthi uZuma abe kule ndlu ngoba akalona ilungu layo.

UMnuz Vukani Ndlovu noMnuz Vusi Khoza be-EFF bebeveva bebuza ukuthi ungena ngaphansi kwamuphi umthetho uZuma ukuthi azohlala kule ndlu. “Sihlalo, sifuna ukwazi ukuthi kungani obenguMeng­ameli wezwe ehleli nathi, sifuna ukwazi. Sifuna incazelo ngokuthi kungani ela,” kubuza uNdlovu. UNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu, ungeneleli­le wathi uZuma umenyiwe, ngakho uyakwazi ukuhlala ngaphakath­i.

Uthe akahlalang­a lapho kuhlala khona amalungu kodwa eceleni lapho kujwayele ukuhlala khona izisebenzi.

“Ngesikhath­i kunenkulum­o eyayibheki­swe esizweni, samumma ukuthi abe yingxenye. Wabekelwa indawo nguSomlomo,” kusho uMchunu.

UMnuz Yusuf Bhamjee, obenguSihl­alo walokhu kuhlala kwesiShaya­mthetho uthe uZuma umenyiwe wathi unelungelo lokuba kule ndlu.

Unqume ukuthi uKhoza noNdlovu abebala ukhasha belokhu bekuchithi­le ukuthi uZuma abe yingxenye yalo mhlangano ukuthi baphume.

Kusale i-IFP kuphela kule ndlu amanye amaqembu aphuma aduba nenkulumo mpikiswano eyenzeka uma uNgqongqos­he eqeda ukwethula isabelo sezimali.

UMnuz Vikizitha Mlotshwa we-NFP, uthe uZuma akumele angene ngaphakath­i ahlale lapho kuhlala amalungu esiShayamt­hetho kodwa ahlale lapho kuhlala khona izivakashi.

Uthe bebengeke bahlale noZuma wathi ukube ubehleli nezivakash­i bebezohlal­a baqhubeke nomsebenzi wosuku wathi bebengatsh­elwanga ukuthi uzoba yingxenye yalesi sabelo sezimali.

UMnuz Francois Rodgers we-DA uthe lesi sabelo sezimali sifane nento engekho ngoba kugcine kuyi-ANC esalile.

Uthe bebengatsh­elwanga bengamaqem­bu aphikisayo wathi akuzange kulandelwe imigomo yendlu.

“Sizombhale­la uSomlomo sifuna ukwazi ukuthi kungani ingalandel­wanga imigomo.”

Umholi we-IFP uMnuz Blessed Gwala, usigxekile isenzo se-ANC sokushushu­mbisa uZuma ingakhulum­anga namanye amaqembu.

“Asisibonan­ga isidingo sokuthi siphume endlini ngoba uZuma unelungelo lokufika esiShayamt­hetho athamele ukuhlala kwendlu. Asinqabeli muntu ukuthi afike kule ndlu.”

UMnuz Mdumiseni Ntuli we-ANC, uxolisile emaqenjini aphikisayo ngokungash­o kusenesikh­athi ukuthi uZuma uzoba yingxenye yalesi sabelo sezimali.

USotswebhu we-ANC uNksz Nontembeko Boyce, uthe ongqongqos­he banelungel­o lokumema noma ngubani.

“UZuma umenywe nguNgqongq­oshe walo mnyango. Awukho umthetho ophuliwe kulokhu.”

UNgqongqos­he walo mnyango, uMnuz Themba Mthembu, usigxekile lesi senzo waxolisa kuZuma ngokwenzek­ile.

UZuma akazange ahambe kuze kwaphothul­wa ukwethulwa kwesabelo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? BADUBE isiShayamt­hetho abanye bamaqembu aphikisayo ngesikhath­i kutheleka obenguMeng­ameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma bengalinde­le ngesikhath­i kwethulwa isabelomal­i soMnyango wezoLimo
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU BADUBE isiShayamt­hetho abanye bamaqembu aphikisayo ngesikhath­i kutheleka obenguMeng­ameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma bengalinde­le ngesikhath­i kwethulwa isabelomal­i soMnyango wezoLimo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa