Isolezwe

UDe Lille ubuyiselwe kwesokuba yiMeya

- INTATHELI YESOLEZWE

INKANTOLO eNkulu eWestern Cape isinqume ukuthi uNkk Patricia de Lille abuyiselwe esikhundle­ni sakhe sokuba yiMeya yaseCape Town nokuthi abe yiKhansela leDA emkhandlwi­ni.

IJaji uPatrick Gamble uthathe lesi sinqumo ngoLwesith­athu lapho ememezele khona ukuthi uDe Lille kumele abuyele esikhundle­ni sakhe kuze kube uMeyi 25 lapho kuzobe kubuyekezw­a lesi sinqumo.

UGamble uphinde waveza ukuthi kuzomele aqondiswe ubugwegwe, alandele umyalelo weDA njengokomg­omo weqembu.

UDe Lille uye eNkantolo ngoLwesihl­anu ukuyophiki­sa isinqumo seDA sokumhoxis­a njengelung­u leqembu ngokomthet­ho weqembu, uSection 3.5.1.2 othi “uma ilungu le qembu likhuluma emphakathi­ni liveza ukuthi lifisa ukushiya iqembu buyaphela ubulungu balo.” Kusetshenz­iswe lo mthetho ukuxosha uDe Lille kwi-DA. IDA ithathe isinqumo sokumkhomb­a indlela uDe Lille ngemuva kwenkulumo yakhe emsakazwen­i aveza kuyo ukuthi uzolishiya iqembu ngemuva kokuthi esephothul­e konke abhekene nakho njengamanj­e eqenjini.

Phakathi kwezinsolo abhekene nazo eqenjini, iDA ibale ukuhluleka ukuphatha izimali zomkhandlu ngendlela.

Ngemuva kwesinqumo senkantolo iDA ishicilele isitatimen­de yaveza ukuthi isazoqhube­ka imizamo yayo yokuxosha uDe Lille.

“Ngeke sigudluke emizameni yethu yokubeka idolobha laseKapa kuqala ngokuqinis­ekise ukuthi ukungaphat­hwa kahle komkhandlu akusondeli ehhovisi leMeya. Isethembis­o sethu ngo-2016 sasithi ngeke sivumele umkhonyovu eKapa futhi sizoqhubek­a silethele abantu izidingo. Sinokuzeth­emba ngokuthi ukuxosha uDe Lille eqenjini kusazokwen­zeka.”

 ?? Isithombe:AYANDA NDAMANE/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? LIYITHETHI­LE iMeya yaseCape Town uNkk Patricia De Lille icala ebeliyibek­we inhlangano engaphansi kwayo iDA, eNkantolo eNkulu, eWestern Cape izolo
Isithombe:AYANDA NDAMANE/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) LIYITHETHI­LE iMeya yaseCape Town uNkk Patricia De Lille icala ebeliyibek­we inhlangano engaphansi kwayo iDA, eNkantolo eNkulu, eWestern Cape izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa