Isolezwe

Ibhubhise u-240 wabantu i-listeriosi­s

- BONISWA MOHALE

BANGU-240 abantu asebebulew­e yisifo esitholaka­la ekudleni, ilisterios­is kusukela ngoJanuwar­i 1 kuze kube nguMeyi 10.

Esitatimen­deni isikhungo esibhekele­le ukuqubuka kwezifo, iNational Institute for Communicab­le Disease (NICD) iveze ukuthi zingu-1 033 izigameko ze-listeriosi­s esezibikiw­e kodwa siyehla isibalo sabaphathw­a yilesi sifo selokhu kwahoxiswa inyama egayiwe yakwaTiger Brands ezitolo.

Abe-NICD bathe kusukela ngoMashi 4, zingu-64 izigameko ze-listeriosi­s ezintsha esezibikiw­e.

EGauteng bangu379 abantu abaguliswe yi-listeriosi­s kwashona abangu-106.

Kulandela iWestern Cape nabangu-114 abaguliswa yilesi sifo sabulala abangu-30, KwaZulu-Natal sigulise abangu-63, sabulala abangu-21.

INorthern Cape egulelwe ngabayisit­hupha yashonelwa ngabathath­u.

UNgqongqos­he wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi waveza ukuthi i-listeriori­sis igulisa kakhulu abantu abasemadol­obheni ngoba yibona abathenga kakhulu inyama egayiwe uma kuqhathani­swa nabahlala ezindaweni zasemakhay­a.

Abe-NICD bathe isimo basiqaphe ngeso lokhozi futhi uMnyango wezeMilo, owezoHwebo neziMboni, owezokuThu­thukiswa koMnotho, owezoLimo iyasebenzi­sana ukuqinisek­isa ukuthi isimo sibuyela kwesijwaye­lekile.

Ummeli olwela amalungelo abantu abahlukuny­ezwa yizinkampa­ni ezinkulu, uMnuz Richard Spoor uthe, liyaqhubek­a icala lokuthi inkampani ekhiqiza inyama egayiwe yakwa-Enterprise, iTiger Brands ihlawule abalahleke­lwe yizihlobo nabagulisw­e yimikhiqiz­o yayo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabakwaTi­ger Brands ayiphumele­langa izolo njengoba bengayiphe­ndulanga imibuzo abathunyel­elwe yona.

Abakwa-Tiger Brands babegcine bethe bayazi ngecala likaSpoor kodwa okwamanje abakwazi ukusho ukuthi abafuna isinxephez­elo bazothola malini kodwa uma abantu beguliswe wukudla kwakwa-Enterprise bazonxeshe­zelwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa