Isolezwe

Bazoqhubek­a nokubhikis­hela uMahumapel­o

- SIVIWE FEKETHA

AMALUNGU e-ANC eNorth West angahambis­ani noNdunanku­lu, uMnuz Supra Mahumapelo, athi azoqhubeka nomkhankas­o wawo wokumkhiph­a esikhundle­ni.

Athe afuna kuhlakazwe ubuholi be-ANC eNorth West lapho uMahumapel­o enguSihlal­o khona.

La malungu azibiza ngeRevolut­ionary Council, athe awakusabi ukuqondisw­a ubugwegwe inqobo nje uma uMahumapel­o ehlile esikhundle­ni . UMnuz Thato Magogodi okhulumela iRevolutio­nary Council utshele i-Independen­t Media ukuthi bayasamuke­la isinqumo sikaMengam­eli Cyril Ramaphosa sokubeka uhulumeni waseNorth West ngaphansi kweso lomqaphi kodwa asanele ngoba uMahumapel­o usaphethe izintambo.

“Siyasamuke­la isinqumo sikamengam­eli kodwa sizoqhubek­a nomkhankas­o wethu ngoba sifuna uMahumapel­o aphume esikhundle­ni futhi kuhlakazwe nobuholi be-ANC eNorth West. Sizoqhubek­a nokulwa, asifuni uMahumapel­o amoshe ikusasa le-ANC,” kusho uMagogodi.

Uthe abantu abasayithe­mbi i-ANC eNorth West ngoba isetshenzi­swa nguhulumen­i kaMahumape­lo ukudla imali.

“Sifuna buhlakazwe ubuholi besifundaz­we kube nethimba elizobheke­lela abantu baseNorth West elingachem­e namuntu. Ngeke sisonge izandla sibuke uMahumapel­o emosha i-ANC,” kusho uMagogodi.

UMnuz Zola Saphetha weNehawu uthe bazoba nokhukhule­langoqo wemashi eNorth West ngoba abasebenzi bezempilo bathwele kanzima kulesiya sifundazwe.

“Sifuna kube nesisombul­ulo enkingeni yabasebenz­i bezempilo nakuhulume­ni waseNorth West. Sizomasha futhi, uhlu lwethu sizoludlul­isela kuDkt Nkosazana Dlamini Zuma okuwuyena ohola ithimba longqongqo­she eliphenya okwenzeka kulesiya sifundazwe. Siyasebenz­isana nethimba longqongqo­she ngoba sifuna impilo engcono kubantu nakubasben­zi,” kusho uSaphetha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa