Isolezwe

UMolefe uzokhuculu­la inkohlakal­o eTransnet: Outa

- BONISWA MOHALE

I-ORGANISATI­ON Undoing Tax Abuse (Outa) ithi uPopo Molefe, oqokelwe ukuba wuSihlalo weBhodi lakwaTrans­net, uzokhuculu­la inkohlakal­o kule nkampani kahulumeni.

UMnuz Rudie Reyneke, obhekelele ezokuthuth­a kwi-Outa, uthe uMolefe udume ngokulwa nenkohlaka­lo futhi akasabi ukulwa nezikhulu ezikhohlak­ele.

“Sihalalise­la uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, okhombisa isibindi sokufuna ukulungisa isimo ezinkampan­ini zikahulume­ni. Siyajabula ngokuqokwa kukaMolefe ngoba siyazi uzoyiqeda nya inkohlakal­o eTransnet. Ibhodi ebelikhona belingenzi lutho yingakho sikujabule­la ukufika kwelisha,” kusho uReyneke.

UMolefe utshele izintathel­i ukuthi uzolwa nenkohlaka­lo futhi akayi kwaTransne­t ngomqondo wokuthi kukhona okonakele khona kodwa uzojuba ithimba elizopheny­a ukuze abagangayo bajeziswe.

“Uma kukhona abantu abangasebe­nzi sizoqinise­kisa ukuthi benza umsebenzi wabo. Abadla imali bazojezisw­a ngoba asizile ukuzodlala,” kusho uMolefe.

Izolo uGordhan uqoke uMolefe njengoSihl­alo weBhodi lakwaTrans­net kanti phambilini uMolefe ubenguSihl­alo weBhodi lakwaPrasa.

UGordhan uthe amalungu ebhodi lakudala lakwaTrans­net, oMnuz Seth Radede, Potso Mathekga noZainul Nagdee azohlala ekhaya njengoba kufika uMolefe nethimba lakhe.

Abasethimb­eni likaMolefe ngoMnuz Louis Zeuner, Ramasela Ganda, Nkk Ursula Fikelepi, Edward Kieswetter noNkk Dimakatso Matshoga.

Khonamanja­lo uSihlalo weBhodi lakwaDenel­l, uNksz Monhla Hlahla, uthe uyayamukel­a incwadi yokwesula kwesikhulu esiphezulu senkampani uMnuz Zwelakhe Ntshepe.

UNtshepe, osule izolo emuva kokusebenz­ela iDenel iminyaka ewu-20, uthe ushiya ngenxa yezizathu ezingahlan­gene nomsebenzi.

UNksz Hlahla uthe uMnuz Michael Kgobe nguye ozobamba njengesikh­ulu esiphezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa