Isolezwe

‘Bhalisani ukukhangis­a imikhiqizo yenu’

- INTATHELI YESOLEZWE

KUGQUGQUZE­LWA osomabhizi­nisi abafuna ukukhangis­a imikhiqizo yabo ukuthi basheshe babhalisel­e ukuyikhang­isa kwiDurban Regional Business Fair ezoba seHammarsd­ale Junction ngoMeyi 25–27.

Osomabhizi­nisi abahlala ezindaweni ezakhele iPinetown namaphethe­lo kufanele babhalise ngaphambi kuka Meyi 16.

Esitatimen­deni esithunyel­we nguMasipal­a weTheku kuvezwe ukuthi umbukiso wezinsuku ezintathu uzoba nezinkundl­a zokucobele­lana ngolwazi ezizosiza osomabhizi­nisi abasathuth­uka zibaxhuman­ise nomakadebo­na kwezamabhi­zinisi.

Kuzoba nohlelo oluzocija osomabhizi­nisi olubizwa nge-2018 Lion’s Den Business Plan.

Kuzoba neConstruc­tion Indaba nenkundla yokucobele­lana ngolwazi yabanamabh­izinisi ayimifelan­dawonye.

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, igqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi basebenzis­e ithuba ukuthuthuk­isa izinkampan­i zabo ngoba umbukiso ulethwa kubantu. “Kubaluleki­le ukuthi osomabhizi­nisi abancane beze embukiswen­i ngoba yibona abadala amathuba omsebenzi. Sifuna bakhangise imikhiqizo yabo bangaze balinde umbukiso omkhulu oba senkabeni yeTheku.”

Uthe njengoba begubha iminyaka ewu20 kwasungulw­a iDurban Business Fair bafuna ukukhulisa umnotho lapho kuhlala khona abantu.

Ukubhalise­la iRegional Business Fair kubiza u-R200 kanti amafomu atholakala ophikweni lwamabhizi­nisi, izimakethe, nezokuvaka­sha oluku-199 Anton Lembede (Smith) Street, eThekwini nasezikhun­gweni zikamasipa­la ezibizwa ngoSizakal­a Centres nasemahhov­isi amakhansel­a.

Ayatholaka­la nakwiwebsi­te kaMasipala weTheku ethi www. durban.gov.za.

Eminye imininingw­ane itholakala ngokuthint­a uNksz Fezile Nzuza ku031 311 4500 noma 031 322 9971 nange-email: Fezile.Nzuza@durban. gov.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa