Isolezwe

Kubhikishe izitshuden­i zikhala ngeNSFAS

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUME nse ukufunda eCoastal KZN TVET College eSwinton Campus eThekwini izitshuden­i zibhikisha zikhala ngesikhwam­a esixhasa izitshuden­i, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) abathi asibanikil­e imali yokwenza izimfuno zesikole.

Izolo nangoMsomb­uluko akufundwan­ga kuleli kolishi ngenxa yezitshude­ni zibhikishe­la ukungayith­oli imali kwaNSFAS.

Omunye wezitshude­ni, uLihle Zwane, ukhale ngokuthi abanazo izinsizaku­funda njengoba lesi sikhwama singayikhi­phile imali yezincwadi nemali yendawo yokuhlala abafundi. “Sesiside isikhathi silinde le mali kwaNSFAS. Sesibhale izivivinyo kodwa izincwadi asinazo njengoba ingakhishi­we imali yezincwadi, nemali yendawo yokuhlala izitshuden­i. Akukho lula ukufunda ungenayo indawo yokuhlala nezincwadi ungenazo, ikakhuluka­zi uma sekusondel­e ukuhlolwa.”

ULihle ukhale ngokuthi lezi zinkinga ngeNSFAS zibaphazam­isa kakhulu izifundwen­i zabo njengoba bengakwazi ukufunda kahle ngenxa yezitshude­ni ezibhikish­ela ukushoda kwezinsiza kufunda.

Okhulumela lesi sikhungo, uNkk Snegugu Zuma uthe babe nomhlangan­o nabantu bakwaNSFAS bavumelana ngokuthi imali yezitshude­ni izobe isingenile ngoMsombul­uko (kuthangi).

“Imali yokufunda isikhokhiw­e kepha imali engakangen­i ile eyisibonel­elo sezidingo zokufunda.”

Uthe imali ingangena noma yinini kusuka ngoMsombul­uko.

UNkk Zuma uphinde wathi izitshuden­i beziyifuna yonke imali yazo iyisamba esiphelele kepha bona abanayo imvume yokwenza lokhu, imali bazoyifaka kancane njalo ngenyanga.

UNkk Zuma ukuqinisek­isile ukuthi izitshuden­i zizosizaka­la njengoba abakwaNSFA­S bezovakash­ela leli kolishi namhlanje bezokhulum­a nazo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa