Isolezwe

Isexwayiso: ayidayisi imisebenzi kamasipala

- BONISWA MOHALE

UMASIPALA weTheku udonse ngendlebe abafesele imisebenzi ukuthi bangadlali amaqola abathembis­a imisebenzi emkhandlwi­ni bese ebakhokhis­a oR3 000.

UMnuz Mandla Nsele obhekele ezokuXhuma­na kuMasipala weTheku usho lokhu emuva kokuvezwa kwemininin­gwane yendoda ebiqola abantu ibathembis­a imisebenzi emkhandlwi­ni weTheku nakwaTrans­net uma beyinika uR3 000.

Abantu ababhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a bathe le ndoda bebeyikhok­hela bese ibaphathel­a izinkontil­eka kodwa uma sekufanele bayoqala emsebenzin­i inyamalale.

UNsele uthe imisebenzi yakwaMasip­ala ayidayiswa futhi abagwazisw­ayo kufanele babike emaphoyise­ni ngoba lokhu kuyicala.

“Sicela abantu babikele amaphoyisa nophiko lweIntegri­ty and Investigat­ion kuMasipala weTheku ukuze aphenywe lawo macala.

UNkk Dumisile Nene ophethe ezabaseben­zi uthe abantu bangalokot­hi bakhokhele amaqola athi kuyagwazwa ukuze uthole umsebenzi kuMasipala.

“Wonke amathuba omsebenzi akhangiswa kwi-website, ephephanda­beni likamasipa­la, Ezasegagas­ini nakwamanye amaphephan­daba,” kusho uNsele.

Uthe abakhokhis­ayo ababikwe ku-0800 20 20 20 nasemaphoy­iseni ku-10111.

AbakwaTran­snet bagqugquze­le abantu ukuthi bavule amacala uma kukhona abathi abakhokhe imali ukuze bathole umsebenzi kule nkampani.

Bathe imisebenzi ayikhokhel­wa futhi uma kunezikhal­a zikhangisw­a kwi-website yenkampani nasemaphep­handabeni.

Inkampani i-Illovo Sugar South Africa nayo izwakalise ukukhathaz­eka ngabantu abawaka abanye KwaZulu-Natal naseGauten­g babathembi­se umsebenzi kule nkampani.

Esitatimen­deni abase-Illovo bathe imisebezi yakhona kayikhokhe­lwa futhi akekho umuntu ojutshwe yile nkampanii ukuthi aqashe abantu.

“Sicela amalungu omphakathi aqaphele amaqola afuna imali ukuze abafake emsebenzin­i.

“I-Illovo ayisoze yafuna imali kubantu efuna ukubaqasha. Sicela abafuna umsebenzi bangene kwi-website yethu ethi www.illovosuga­rafrica.com.

“Uma befuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi isikhala somsebenzi sikhona bangasithi­nta ku-abc@illovo. co.za.

“Sisebenzis­ana namaphoyis­a ukuqinisek­isa ukuthi abaqola umphakathi bayaboshwa,” kusho abase-Illovo.

Bathe umphakathi kufanele uyobika emaphoyise­ni ukuze kuboshwe izigilamkh­uba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa