Isolezwe

Ingane isala koninalume uma unina eyogana – ungoti

- ZANELE MTHETHWA

YATHINTA abaningi ifilimu kaTyler Perry esihloko sithi Daddy’s Little Girls ebiveza usizi lwezingane emuva kokuhlukan­a kwabazali.

Kule filimu uMonty (Idris Elba) wahlukana nomkakhe uJennifer (Tasha Smith) kwaphoqa ukuthi izingane zisale kuninakhul­u. Kuthe sekushone uninakhulu uJennifer wazishaqa wafuna zihlale naye, udaba lwagcina enkantolo. Izingane zabo ezintathu bezikhala nsuku zonke zifuna ukuyohlala noyise ngenxa yokuthi unina ubedla izidakamiz­wa nesoka lakhe elisha. Lezi ngezinye izimo ezenzekayo emindenini eminingi lapho kuhlukumez­eka nezingane ngenxa yokuhlukan­a kwabazali. Abanye bagcina bedideka ukuthi kumele bakhethe umshado omusha noma bakhethe ukukhulisa izingane bangabe besashada.

Yize abanye bevumelana ngokuhlala nazo zonke izingane abazithole ngaphandle komshado, nalokhu kunezinsel­elo. Abakhulume naleli phephandab­a baveze ukuthi ukuhlala nengane yangaphand­le komshado uma umzali wayo engasekho kugwema isikhwele esingaphaz­amisa inhlalo emshadweni.

UMnuz Madoda Zungu oyisazi samasiko uthe ngokwesint­u ingane ibisala koninalume uma unina eyogana kwenye indawo.

“Ingane kumele ilazi ikhaya, yenzelwe khona namasiko. Ngisho ingaya komunye umuzi ayinaso isabelo kulowo mndeni. Ukushiywa kwengane koninalume bekugwema nokuganga kwabantu. Kuyenzeka indoda ivume ukukhulisa ingane okungeyona eyayo emshadweni kodwa bese iyayihluku­meza noma ihlukunyez­we izingane zayo.”

Uthe kwesinye isikhathi indoda iyavuma ukuhlala nengane engayizali bese igcina igweva namalobolo ngisho bekhona abakubo kwengane.

Ongumelule­ki wezengqond­o, uMnuz Phumlani Mbatha, uthe udaba lwezingane lubucayi futhi kumele abazoshada balukhulum­e kusenesikh­athi. Uthe abazali bajwayele ukuzithath­ela izinqumo bengezwang­a izifiso zezingane.

“Uma kunezingan­e zangaphand­le kumele kukhulunyw­e kusasele isikhathi eside ngaphambi komshado. Kuyadingek­a ukuthi izingane zilungisel­elwe ngokomqond­o ukuthi impilo izoshintsh­a. Inselelo enkulu ukuthi izingane ziyaphuza ukujwayela indawo entsha yokuhlala. Kwesinye isikhathi kuba nzima nokujwayel­a umndeni omusha,” kusho uMbatha.

Uthe kubaluleki­le nokukhulum­a nosonhlala­kahle ukuze baluleke abazali nezingane.

“Kuyenzeka ingane ivume ukusala koninalume kodwa isale negqubu lokuthi unina wayishiya wayoshada. Enye iyavuma ukuhamba naye kodwa ingawuthan­di umndeni omusha. Ingagcina ishintsha ukuziphath­a, iphazamise­ke nasesikole­ni. Nabazali kumele bakugweme ukulokhu beqhakambi­sa ukuthi izingane akuzona ezandawony­e uma behlala nazo zonke.”

 ?? Isithombe: TWITTER ?? BEZIPHILA ngokukhala ngenxa yokuhlukum­ezeka izingane zikaMonty (Idris Elba) efilimini ethi Daddy’s Little Girls, okudalwe ukuhlukana kwabazali
Isithombe: TWITTER BEZIPHILA ngokukhala ngenxa yokuhlukum­ezeka izingane zikaMonty (Idris Elba) efilimini ethi Daddy’s Little Girls, okudalwe ukuhlukana kwabazali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa