Neyezingane ezihlukumeza abazali ayingazitshwa
KULEZI zinsuku sikhuza isihlava sodlame nokubulawa kwabesifazane eNingizimu Afrika osekuvele kwanda. Iningi lihlukunyezwa futhi libulawa ngamadoda elithandana nawo noma ebelithandana nawo.
Lokhu kuhlukunyezwa kwabesifazane ngale ndlela yikho okugqamile futhi okunakwa kakhulu ngenxa yesihluku esisetshenziswa amadoda ababulalayo njengoba kwenzekile nasemndenini wakwaNtuli okubulawe indodakazi yawo ubuka ngesikhathi idutshulwa ngumyeni wayo obeqale ngokuyishaya.
Kodwa kukhona okunye ukuhlukumezeka okungagqanyiswa kangako abesifazane ababhekana nakho - ukuhlukunyezwa yizingane zabo.
NgoMsombuluko sibike ngodaba lukaNksz Bongiwe Mhlongo waseChesterville obekhala mi izinyembezi elanda ngokuhlukunyezwa yindodana yakhe.
Le ndodana ayithola kade edlwengulwe nguyise ongamzali owayeshade nonina iyamthuka. Okungaphezu kwalokho iya ocansini nezintombi zayo phambi kwakhe emphoqayo ukuthi abukele.
UNksz Mhlongo uthe ubukiswa lo mkhuba nabazukulu abazalwa yiyo le ndodana.
Kungaphezu kokuhlukumeza lokhu okwenziwa yindodana ngoba akekho umuntu osile ongafuna ukubukwa ngumzali wakhe eya ocansini.
Lesi sihluku esenzayo njengoba ingafuni ukuhlala kwayo ilokhu izohlalisa kabi unina nabazukulu emzini wayo sidinga ukusukunyelwa.
Nalawo mantombazane enza nawo lo mkhuba awahloniphi futhi awazihloniphi kwawona ngoba kufanele ngabe ayalikhuza isoka.
Baningi abazali lapha emnyango abaphila impilo efana nekaNksz Mhlongo yokuhlukunyezwa yizingane kodwa abafela ngaphakathi bagcine sebegula benokhwantalala nezifo ezihambisana nalo ngoba sebexakwe yizingane zabo.
Abanye abazali sebengukudla kwenduku bashaywa ngabantwana babo. Izingane ezifuna ngenkani imali nalezo eziphilela ukuzala bese zishiya izingane zibe ngumthwalo wabazali bazo.
Kuyafuneka ukuthi njengoba kuliwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane kukhucululwe ngayo yonke indlela futhi kuliwe nazo zonke izindlela abahlukumezeka ngazo.