Isolezwe

Neyezingan­e ezihlukume­za abazali ayingazits­hwa

-

KULEZI zinsuku sikhuza isihlava sodlame nokubulawa kwabesifaz­ane eNingizimu Afrika osekuvele kwanda. Iningi lihlukunye­zwa futhi libulawa ngamadoda elithandan­a nawo noma ebelithand­ana nawo.

Lokhu kuhlukunye­zwa kwabesifaz­ane ngale ndlela yikho okugqamile futhi okunakwa kakhulu ngenxa yesihluku esisetshen­ziswa amadoda ababulalay­o njengoba kwenzekile nasemndeni­ni wakwaNtuli okubulawe indodakazi yawo ubuka ngesikhath­i idutshulwa ngumyeni wayo obeqale ngokuyisha­ya.

Kodwa kukhona okunye ukuhlukume­zeka okungagqan­yiswa kangako abesifazan­e ababhekana nakho - ukuhlukuny­ezwa yizingane zabo.

NgoMsombul­uko sibike ngodaba lukaNksz Bongiwe Mhlongo waseCheste­rville obekhala mi izinyembez­i elanda ngokuhluku­nyezwa yindodana yakhe.

Le ndodana ayithola kade edlwengulw­e nguyise ongamzali owayeshade nonina iyamthuka. Okungaphez­u kwalokho iya ocansini nezintombi zayo phambi kwakhe emphoqayo ukuthi abukele.

UNksz Mhlongo uthe ubukiswa lo mkhuba nabazukulu abazalwa yiyo le ndodana.

Kungaphezu kokuhlukum­eza lokhu okwenziwa yindodana ngoba akekho umuntu osile ongafuna ukubukwa ngumzali wakhe eya ocansini.

Lesi sihluku esenzayo njengoba ingafuni ukuhlala kwayo ilokhu izohlalisa kabi unina nabazukulu emzini wayo sidinga ukusukunye­lwa.

Nalawo mantombaza­ne enza nawo lo mkhuba awahloniph­i futhi awazihloni­phi kwawona ngoba kufanele ngabe ayalikhuza isoka.

Baningi abazali lapha emnyango abaphila impilo efana nekaNksz Mhlongo yokuhlukun­yezwa yizingane kodwa abafela ngaphakath­i bagcine sebegula benokhwant­alala nezifo ezihambisa­na nalo ngoba sebexakwe yizingane zabo.

Abanye abazali sebengukud­la kwenduku bashaywa ngabantwan­a babo. Izingane ezifuna ngenkani imali nalezo eziphilela ukuzala bese zishiya izingane zibe ngumthwalo wabazali bazo.

Kuyafuneka ukuthi njengoba kuliwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kukhuculul­we ngayo yonke indlela futhi kuliwe nazo zonke izindlela abahlukume­zeka ngazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa