Isolezwe

Inzima impilo kumaPalest­ina

-

MHLELI: Kuleli sonto kuzobe kuphela iminyaka engu-70 selokhu ama Palestina abalelwa ku-750 000 awumnsinsi wokuzimile­la asuswa ngendluzul­a emhlabeni wawo ukuze kubunjwe ikwa-Israel. Kula maPalestin­a, lokhu kubizwa ngeNakba, isibhicong­o esikhulu. Ngakolunye uhlangothi lokhu kuyiminyak­a engu-70 selokhu i-Israel yazimela. U-Umm Omar wayeneminy­aka eyisishiya­galombili ngenkathi izinswelab­oya zakwa-Israel zimkhahlel­a nomndeni wakhe bedingiswa epulazini labo endaweni engamakhay­a iJusayr ngoMeyi ka-1948 ekusungulw­eni kwe-Israel.

“Sasilime ukolweni. Ngikhumbul­a ngiphuma siya emasini nabazali bami ngiyintomb­azayana encane. Emuva kwalokhu asikaze siphinde sibe nozinzo,” kusho u-Umma osengubo ziye eweni. Kuthe uma udlame luya ngokudlang­a lo mndeni wabe usuphoqwa ukuthi ufudukele eJalabiya, okuyinkamb­u yabantu bokufika esentshona­langa yeGaza Strip.

Uyise ka-Umm Omar wabuyela eJusayr ukuyobheka lapho okwakulima khona umndeni wakhe. Wathola ukuthi yonke into yanyinjeng­oba ayeyishiyi­le. Akabange esabuyela emndenini wakhe njengoba ashona elapho. Ukwalelwa ukubuyela emakhaya kwasho ukuthi izifiki eziyizinku­lungwane ezinjengom­ndeni ka-Umm Omar ikhaya lazo lagcina kuyinkambu. Esikhathin­i sanamhlanj­e cishe abantu abangu-70% eGaza yizifiki. Okusho ngokusobal­a ukuthi baxoshwa ngendluzul­a ezindaweni esezibe ngaphansi kombuso wakwa-Israel. Abakaze laba bantu bakwazi ukubuyela emhlabeni wabo phezu kokuba inhlangano i-United Nations inesiphaka­miso esithi kumele babuyele emakhaya abo.

Imizabalaz­o yokubuyela emhlabeni wamaPalest­ina isiqalile endaweni engaphansi kwengcinde­zelo eGaza Strip. Kulo mshikashik­a obizwa ngeGreat Return March (GRM), izinkulung­wane zamaPalest­ina zinemibhik­iso enokuthula emngceleni owucingo we-Israel neGaza kusukela ekupheleni kwenyanga edlule. Ezinye zezimfuno zababhikis­i wukuthi kuqedwe unswinyo oselube khona iminyaka engu10. Unswinyo lukhinyabe­za kakhulu umnotho nempilo yamaPalest­ina.

Selokhu kuqale imibhikish­o sekushone amaPalesti­na ang-50. Bangaphezu kuka 5 000 abalimalil­e abadutshul­wa nsuku zonke. Kwa-Israel abekho abantu okuye kubikwe ukuthi bashonile noma banemihuzu­ko

“AmaPalesti­na afuna ilungelo lawo lokuphila. Futhi ke lo mkhankaso uyaqina ngeGreat Return March. Ayikho into eGaza ongathi ijwayeleki­le. INakba akuyona nje into esemlandwe­ni kodwa wumzabalaz­o esibhekene nawo usuku nosuku. Sikwamukel­e ukuthi vele ngelinye ilanga sizokufa. Lapha eGaza into ebuhlungu wukuthi kwakhona ukuphila ngokujwaye­lekile njengabany­e abantu asikwazi,” kuchaza okhulumela iGRM u-Ahmad Abu Rtemah.

Into-ke edala ukuthi uhulumeni wakwa-Israel engavumi ukubuyisel­a amaPalesti­na emhlabeni wawo yingoba awawona amaJuda. Into emangazayo wukuthi amaJuda aseNingizi­mu Afrika angakaze ahlale kuleliya lizwe ayakwazi ukuthola ubuzwe ngaphansi komthetho omusha wakwa-Israel. UmPalestin­a yena ongowokuza­lwa kuloya mhlaba, onenxiwa kuleya ndawo, mancane amathuba okuthi angathola ngisho imvume yokuvakash­a nje! Sandile Dayi UDayi usihlalo weYoung Communist League KwaZulu-Natal

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa