Ningabe nisayibekezelela induku bosisi
MHLELI: Ngiyindoda nje namuhla ngenxa kamama, ngizibona ngiwumuntu nami phambi kwabantu ngenxa yomuntu engithandana naye ongenza ngizizwe ngiyindoda isibili.
Kubuhlungu futhi kuye kucasule uma silokhu sizwa ngabesilisa ababulala izithandwa zabo.
Mina ngizibiza ngendoda ngoba angihlukumezi, kunalokho ngizama ngawo wonke amandla ukunakekela. Labo bantu ababulala abesifazane akusiwo amadoda, angazi ngingababiza ngani emhlabeni, ngisho inja yeduna ngeke uyibone iluma insikazi, pho ngabe bayini bona behlulwa yizinja ngezenzo?
Into esingisukumise nakakhulu wudaba obelushicilelwe kwiSolezwe langomhla ka-15 kuMeyi ngokubulawa kukaNkk Ntombizodwa Charlotte Dlamini (42).
Uyabona ukuthi ubebekezele ephilela ukuhlukunyezwa. Le ndoda yakhe ibingazethembi yona uqobo, uma izothi engahlali yedwa ekhaya akoya ezihlobeni zayo; angayithengi imoto uzozenza indoda; nokuthi angamqashi umsizi wasendlini ngoba wamlobola kumele abuye emsebenzini enze umsebenzi wasendlini.
Umama uDlamini kuyabonakala ukuthi ubengasajabule futhi ehlala ngokusatshiswa bekumele ashiye angabe esabheka ukuthi abantu bazothini kepha acabangele impilo yakhe. Khona kuthiwa umuntu umsola ngokukugangela, umbulalelani pho? Awumyeki ngani ufune ongcono?
Zolo lokhu besisababaza ukubulawa kwengane encane ebifunda eMUT uZolile Khumalo, naye obulewe ngazo izinsolo. Abantu besilisa ababulala abesimame izishimane, izahluleki, izinto ezingazethembi.
Ngiye ngithi uma ngixoxa nezinsizwa engiphila nazo ngithi uma wenzela umuntu wesifazane okuthile, ungakuthathi njengokuthi uyatshala kusasa kumele uvune, kuthathe njengokuthi usiza umuntu ophila naye futhi ungabali ukuthi yini omenzele yona, kwenze ngenhliziyo yakho emhlophe nje. Abanye bababulala-nje ngoba babala izinto abazenzele izithandwa zabo bengakhonjwe ngasibhamu.
Ngiyanicela bosisi nani bomame ningabe nisayibekezelela induku, ningabe nisahlala nithi nenzela izingane ngoba la madojeyana akabe esacabanga kanjalo kepha acabanga ukubulala engasenandaba nezingane.
Hlalani nazi niyizimbali zezwe ukuthi lapho nihamba khona niyaqhakaza, shiyani amadojeyane, akhona amadoda aqotho anempatho nakwaziyo ukunika umuntu wesimame indawo yakhe. Ngoba ngiphila nje nami ngake ngagileka kepha ngoba umqondo wami uyasebenza futhi ngiyazethemba, ngisaphila futhi ngihamba la ngithanda khona ngoba ngiyakwazi ukwamukela bese ngidlulisa.Thina madoda esikwazi ukucabanga asilweni nale nto engingazi ngingayifanisa nani. Mpha Omnyama Shabalala KWAMTEYI EMNAMBITHI