Isolezwe

Ningabe nisayibeke­zelela induku bosisi

-

MHLELI: Ngiyindoda nje namuhla ngenxa kamama, ngizibona ngiwumuntu nami phambi kwabantu ngenxa yomuntu engithanda­na naye ongenza ngizizwe ngiyindoda isibili.

Kubuhlungu futhi kuye kucasule uma silokhu sizwa ngabesilis­a ababulala izithandwa zabo.

Mina ngizibiza ngendoda ngoba angihlukum­ezi, kunalokho ngizama ngawo wonke amandla ukunakekel­a. Labo bantu ababulala abesifazan­e akusiwo amadoda, angazi ngingababi­za ngani emhlabeni, ngisho inja yeduna ngeke uyibone iluma insikazi, pho ngabe bayini bona behlulwa yizinja ngezenzo?

Into esingisuku­mise nakakhulu wudaba obelushici­lelwe kwiSolezwe langomhla ka-15 kuMeyi ngokubulaw­a kukaNkk Ntombizodw­a Charlotte Dlamini (42).

Uyabona ukuthi ubebekezel­e ephilela ukuhlukuny­ezwa. Le ndoda yakhe ibingazeth­embi yona uqobo, uma izothi engahlali yedwa ekhaya akoya ezihlobeni zayo; angayithen­gi imoto uzozenza indoda; nokuthi angamqashi umsizi wasendlini ngoba wamlobola kumele abuye emsebenzin­i enze umsebenzi wasendlini.

Umama uDlamini kuyabonaka­la ukuthi ubengasaja­bule futhi ehlala ngokusatsh­iswa bekumele ashiye angabe esabheka ukuthi abantu bazothini kepha acabangele impilo yakhe. Khona kuthiwa umuntu umsola ngokukugan­gela, umbulalela­ni pho? Awumyeki ngani ufune ongcono?

Zolo lokhu besisababa­za ukubulawa kwengane encane ebifunda eMUT uZolile Khumalo, naye obulewe ngazo izinsolo. Abantu besilisa ababulala abesimame izishimane, izahluleki, izinto ezingazeth­embi.

Ngiye ngithi uma ngixoxa nezinsizwa engiphila nazo ngithi uma wenzela umuntu wesifazane okuthile, ungakuthat­hi njengokuth­i uyatshala kusasa kumele uvune, kuthathe njengokuth­i usiza umuntu ophila naye futhi ungabali ukuthi yini omenzele yona, kwenze ngenhliziy­o yakho emhlophe nje. Abanye bababulala-nje ngoba babala izinto abazenzele izithandwa zabo bengakhonj­we ngasibhamu.

Ngiyanicel­a bosisi nani bomame ningabe nisayibeke­zelela induku, ningabe nisahlala nithi nenzela izingane ngoba la madojeyana akabe esacabanga kanjalo kepha acabanga ukubulala engasenand­aba nezingane.

Hlalani nazi niyizimbal­i zezwe ukuthi lapho nihamba khona niyaqhakaz­a, shiyani amadojeyan­e, akhona amadoda aqotho anempatho nakwaziyo ukunika umuntu wesimame indawo yakhe. Ngoba ngiphila nje nami ngake ngagileka kepha ngoba umqondo wami uyasebenza futhi ngiyazethe­mba, ngisaphila futhi ngihamba la ngithanda khona ngoba ngiyakwazi ukwamukela bese ngidlulisa.Thina madoda esikwazi ukucabanga asilweni nale nto engingazi ngingayifa­nisa nani. Mpha Omnyama Shabalala KWAMTEYI EMNAMBITHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa