Isolezwe

AbeSadtu bafuna kuphathe ababo

-

MHLELI: Ziningi izinkinga ezibhekene nabaphathi bezikole kuleli lengabadi.

Zibukeka zikhula njalo izinkinga phakathi kwezinyuny­ana zothisha, ikakhulu KwaZulu-Natal. Lokhu ngikusho ngoba sekukaning­i kukhulunyw­a ngokunyusw­a kwamaholo alabo abafundisa uGrade R kodwa kubonakala sengathi umnyango uyishaya indiva le ndaba.Namhlanje sivuka nezindaba zokuthi iPhini likaMengam­eli weNatu, uMnuz Allen Thompson, beselijahw­a yimiguluku­du ngezibhamu ngoba nje uhulumeni wakwaZulu-Natal akalifuni iqiniso.Kunokuba kuxoxwe uncamela ukusebenzi­sa isikhali ukususa loyo osuke eyinkinga kuyena.

Ngibuye ngize kwiSadtu. Othisha beSadtu mabayeke ukuthanda njalo nje ukuhamba imihlangan­o yokubonisa­na ngezikhath­i zomsebenzi ngoba abafundi bayalimala ezifundwen­i. Nomnyango uphinde ubavune ekubeni beganga. Ngikhuluma nje kwesinye sezikole eSahlumbe Primary sekukhona umsindo olokhu uqhamuke njalo.

Abanye bothisha abekho ezingeni lokuphatha ngokweziqu zabo kodwa ngoba basohlango­thini leSadtu bafuna kuphathe amaqabane abo ngoba babambisen­e ne-ANC. Lokho okugcina kwenza ukuthi izinto zingahambi kahle kwezemfund­o ngoba nomnyango awukho phakathi nendawo kodwa uchemile. Isikhalo seSadtu uyashesha ukusizwa kodwa uphuze ukusiphend­ula kodwa eseNatu uyashesha ukusizwa bese usiziba unomphela. Lokho kugcina kuholele ekutheni kube khona abanyamana­mbana esikoleni uma ngabe bekhuluma iqiniso abeNatu.

Ngokwami ngithi umnyango wezemfundo kumele ukhiphe umsebenzi wozongamel­a isikole bese ziyachutha­na kwinhlolol­wazi ingabikhon­a indaba yamaqabane. Ngiphinde nginxuse umnyango ukuthi uvule amehlo esikoleni iSahlumbe High njengoba kubonakala ukuthi uma kuvalwa izikole uthishanhl­oko, uzimisele yedwa ngokucija abafundi ezifundwen­i. Ngeke ngimangale ukuthi njengoba enza kanje yingoba eyiNatu ngoba imvamisa iNatu ithola othisha abakhuthel­e kodwa abanye babo bahleli emakhaya. Ngithanda ukuthi ngithi phephisa kuThompson, ngokumehle­le.Kodwa ngithi iqiniso liyomkhulu­la umuntu bese kuthi amanga nenkohlaka­lo limenze isigqila sangunapha­kade. Mnikelwa Thungo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa