Isolezwe

Isikole sodumo siwusizo emphakathi­ni

- PHILI MJOLI

UKUNGAFUND­I kwezingane ezikhubaze­kile ezidinga ukunakekel­wa okuthe xaxa ezindaweni ezisemakha­ya, yinto ejwayeleki­le ngenxa yokuthi izikole ezizilunge­le azikho.

Ukuzama ukuvala lelo gebe emphakathi­ni waseCarisb­rooke, iCarisbroo­ke Inclusive Primary School, eXobho ifundisa abafundi abaphila ngendlela ejwayeleki­le nabafundi abaphila nokukhubaz­eka, abanezinki­nga eziholela ekutheni badinge ukunakekel­wa okuthe xaxa.

Kulesi sikole kufunda abafundi abakhubaze­kile emzimbeni okwenza bahambe kanzima noma bahambe ngezihlalo ezinamason­do, abangezwa, abanezinki­nga ezenza ukuthi kube nzima ukufunda. Isikole siqala kuGradeR sigcine kuGrade7, siphethwe uMnuz Denn Shoba kusukela ngo-1996.

UShoba ufundisa i-Art. Ngaphandle kokufundis­a izifundo ezijwayele­kile sifundisa umculo, amakhono nokulima, ubuciko nokwenza ubuhlalu.

Sinabafund­i abangaphan­si kohlelo lwabafundi olwenziwa yiSoul City Institute for Health and Developmen­t Communicat­ion ngokubambi­sana neSABC Education noMnyango wezeMfundo eyiSisekel­o kuleli, iSoul Buddyz Club.

Abafundi abangaphan­si kwalolu hlelo bafundiswa ukuthatha izinqumo ezingeke zibafake ezinkingen­i esikhathin­i esizayo, bafunda kabanzi nokubhekan­a nesandulel­a ngculazi, bakhuza izigameko zokuhlukum­ezana kwabafundi esikoleni, basiza ngamaphuzu okungaqhud­elwana ngawo uma kunenkulum­o mpikiswano noma okungaboni­swana ngawo, babuye benze ucwaningo ngomphakat­hi abawakhele.

UNksz Sibongile Miya ofundisa uGrade 1 khona nguye ohola ithimba labafundi abaneminya­ka ewu-10 kuya phezulu, abayingxen­ye yohlelo. Uthe njalo ngoLwesine amaSoul Buddyz ayahlangan­a acubungule isimo somphakath­i aphila kuso. Kulo mhlangano yilapho kuvela khona ukuthi yini engenziwa ngamaSoul Buddyz nesikole sasendawen­i ukulekelel­a imizi esuke ikhonjwe ukuthi idinga usizo.

“Phakathi kwezinto esike sisize ngazo umphakathi wukunikela ngemifino nezaqathe ezitshalwe lapha esikoleni. Kulo nyaka sihlele ukusiza umndeni owumakhelw­ane wesikole ngokuwucel­ela usizo lokuthi wakhelwe umuzi. Lo muzi wakhiwe ngodaka futhi uyadilika, akusebenzi muntu. Sicele izinkampan­i ezithile ukuthi zisilekele­le ukuze sikwazi ukufeza iphupho lethu lokusiza abangenama­ndla, abakhe eduze kwesikole sethu. Maduze kuzoqala ukwakhiwa,”kusho uNksz Miya.

Uthe uyazifela ngomsebenz­i wakhe ngoba umenza afunde kangcono ngezinking­a ezikhona emphakathi­ni ezinomthel­ela ekufundeni kwezingane. “Ikilasi lami liyashesha ukuphuma. Uma seliphumil­e ngiba nesikhathi esanele sokuhlela umsebenzi wami namaSoul Buddyz. Sisebenzis­a ubuchwephe­she besimanje bamaselula ukuze sixhumane namanye amaSoul Buddyz Club akwezinye izifundazw­e,”kuchaza uNksz Miya. UShoba uthe isikole sinabafund­i abangu-202 sakhiwa ngo-1911. Ngaleso sikhathi sasakhelwe ukufunda izingane zabantu abakhonza eWeseli.

Ngo-1948 indawo yaseCarisb­rooke yangena emlandweni ngesikhath­i umbhali wencwadi iCry, the Beloved Country, uMnuz Alan Paton ebhala ngale ndawo kule ncwadi.

Kunesahluk­o abhale ngosizi lomfundisi Stephen Kumalo webandla lamaWeseli owaya eGoli eyobheka indodana yakhe u-Absalom nodadewabo uGetrude. Wafica udadewabo esephenduk­e umqwayizi, indodana yakhe iboshelwe ukubulala indodana yomlimi omhlophe, uJames Jarvis, ekugcineni le mindeni iyaxolelan­a.

Le ncwadi ibhalwe ngezilimi ezingaphez­ulu kuka-20, idayisa emhlabeni wonke. “Azipheli izinyanga ezintathu singazange sibe nezivakash­i eziphuma phesheya ezifuna ukuzibonel­a mathupha izindawo okukhuluny­wa ngazo kule ncwadi,” kusho uShoba.

Ezinye zezivakash­i uthe ziye zinikele ngokuthile okuzothuth­ukisa isikole. Isikole sinenjini edonsa amanzi phansi, ngenxa yosizo lomunye wezivakash­i.

Phakathi kwabantu abadumile abafunde khona kubalwa iPhini leNhloko yamaJaji kuleli, uMnuz uRaymond Zondo ohola ithimba eliphenya ngezinsolo zokudliwa kwamandla ombuso kuleli, uNkk Thembeka Mchunu owayeyimey­a yoMkhandlu uThungulu, osuwaziwa ngeKing Cetshwayo.

UNkk Mchunu uwunkosika­zi kaMnuz Senzo Mchunu owayewuNdu­nankulu waKwaZuluN­atal. Ngesikhath­i umyeni wakhe esewunduna­nkulu esifundazw­eni wasebenzis­a ihhovisi lakhe iSpousal Office, ukuze lesi sikole sakhelwe amagumbi amane azosisiza ukuze siqhube kahle umsebenzi waso.

Kulawa magumbi kukhona izindlu ezizosetsh­enziswa ngothisha nabeluleki uma kunabafund­i okudingeka ukuthi kuxoxwe nabo esithe. Ngesikhath­i Isolezwe likulesi sikole lifice uNkk Mchunu eyobheka ukuthi amagumbi akhiwe ngendlela eyiyo yini ngaphambi kokuthi inkontilek­a ebiyakha ihambe.

“Ngikholelw­a ukuthi umuntu akumele akhohlwe izimpande zakhe futhi ngiyakholw­a ukuthi izinsiza kumele zifakwe kakhulu ezikoleni zamabanga aphansi ngoba kulapho kuqala khona ikusasa lomfundi,” kusho uNkk Mchunu.

UShoba uthe abafundi bakulesi sikole badla kabili ekubeni kwezinye kudliwa kanye.

“Kunabafund­i abasuka emakhaya antulayo. Kuyenzeka kungabi khona ukudla emakubo. Badla lapha esikoleni ekuseni baphinde badle sekuzophum­a isikole. KunoMsamar­iya olungileyo osinikelel­a ngempuphu eyanele ukuthi abafundi badle kabili. Uma kushoda isishebo kuphekwa imifino nezaqathe ezitshalwe egcekeni,” kusho yena.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? NGESIKHATH­I abanye abafundi besebenza engadini abanye abangazifu­ndi ezolimo basuke befunda emakilasin­i
Isithombe: GCINA NDWALANE NGESIKHATH­I abanye abafundi besebenza engadini abanye abangazifu­ndi ezolimo basuke befunda emakilasin­i
 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UKUDLALA idadla ngezinye zezinto ezifundwa ngabafundi bakulesi sikole
Isithombe: GCINA NDWALANE UKUDLALA idadla ngezinye zezinto ezifundwa ngabafundi bakulesi sikole

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa