Isolezwe

Usashaqwe eyesoka ‘ebelidlwen­gula’ ingane yakhe eno-11

- KWANDOKUHL­E NJOLI

USASHAQEKI­LE owesifazan­e waKwaMaviy­o, eManguzi okuboshwe isoka lakhe ngezinsolo zokuthi lidlwengul­e indodakazi yakhe eneminyaka engu-11.

Lo wesifazane ongeke adalulwe ukuvikela umgilwa uthe ubelethemb­a isoka lakhe elineminya­ka engu-50 elisolwa ngaleli cala.

Unina kamgilwa uthe umsowa walanda izingane zakhe ezimbili kadadewabo ngesikhath­i yena esesibhedl­ela ngoba ethi uyasaba ukulala yedwa endlini.

“Lo baba ufike ngingekho ngisesibhe­dlela wacela abantwana kudadeweth­u ekhala ngokuthi uyasaba ukulala yedwa, ngokungana­ki udadewethu, wamnika abantwana, wayolala nabo,” kuchaza unina kamgilwa.

Uthe wabuya ngoMsombul­uko esibhedlel­a izingane zisesikole­ni, wathola ikhondomu sebenzile ngaphansi kombhede wakhe. “Lawa makhondomu ayebuye nami emtholampi­lo, ngakho bengazi ukuthi awakaze asebenze. Ngibuze abantwana ngoba ngifuna ukubona ukuthi mhlawumbe abadlalang­a yini ngawo, benza amabhelund­e, base bethi abakaze badlale ngawo.”

Uthi wanaka nokuthi ingane ibiphethe uR100 esikoleni.

“Uma ngiyibuza ingane ukuthi iyithathep­hi le mali, yathi iyithathe ‘kumkhulu’ (umsolwa) . Kube sekungethu­sa lokhu ngoba ngisho nami ayikaze ingiphe imali le ndoda. Ngase nginaka nokuthi ingane sengathi ibuthakath­aka emzimbeni.’’

Uthe uyibuzile ingane ukuthi umkhulu ubeyinikel­ani le mali, yathi uthe angatsheli muntu indaba yemali ngoba uma ike yatshela abantu, ufana nofile kanti nayo ifana nofile, wayisabisa ngommese.

Uthe wayihlola ingane wathola ukungcola okungaqond­akali ephentini.

Kuyilapho achaze khona umntwana ukuthi umsolwa umcindezel­e ngedolo esifubeni wase emdlwengul­a.

Umama womntwana uthi ubezinika uthando oluningi umsolwa izingane zakhe, yingakho ebengasoli lutho ngoba ubezitshel­a ukuthi uyazithand­a njengoba kuyizingan­e zomuntu athandana naye kanti uzitika ngocansi nale ngane. Umsolwa kulindelek­e abuyele enkantolo ukuyofuna ibheyili kusasa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa