Isolezwe

Isigaba sokukhula sesihlasel­a nabano-30

- ZANELE MTHETHWA

CISHE akekho owesifazan­e ofisa ukuficwa yisigaba sokukhula esibizwa ngeMenopau­se, esifika nobunzima nokushints­ha kwempilo. Yize lesi sigaba sifica noma ngubani, bekwaziwa ukuthi siqala kwasebeqal­a ukuguga. Kulesi sigaba owesifazan­e usuke esephelelw­e inzalo nokuya esikhathin­i, kuphele nomdlandla wocansi.

Okuthusayo ukuthi lesi sigaba sesifikela ngisho abesifazan­e abasebasha.

UDkt Saleef Moola osebenzela eVerulam, uthe ayisekho eyokuthi ngabadala kuphela abangena kulesi sigaba. Uthe ngokujwaye­lekile bekwaziwa ukuthi lesi sigaba siqala kwabesifaz­ane abaneminya­ka engu-48 kuya phezulu kodwa akusenjalo.

“Sekuyenzek­a owesifazan­e angene kulesi sigaba eneminyaka eko30. Nakhona kuya ngemizimba yabantu ngoba bakhona abangena sebebadala. IMenopause ibuye ihambe nangofuzo emndenini. Uma umama esheshe wangena kulesi sigaba, kuyenzeka nendodakaz­i yakhe ifuze yena,” echaza.

UDkt Moola uthe zikhona izimpawu zokuqala kweMenopau­se kodwa kudingeka umuntu aqinisekis­e kudokotela, kuhlolwe izinga lamaHomorn­es emzimbeni. Owesifazan­e ocele ligodlwe igama lakhe, uthe unomngani owangena kulesi sigaba eneminyaka engu-21 ongakaze athole ngisho izingane. Uthe kwadingeka ahlolwe kwaqinisek­iswa kodokotela ukuthi usephethwe iMenopause. Kusolwa ukuthi ukudla okudliwa esikhathin­i samanje kunomthele­la ekushintsh­eni kwemizimba yabesifaza­ne. Ngokombiko oshicilelw­e kwi-website yeHealthli­ne kuvela ukuthi ukuthi ukudla kahle nokuzivoca­voca kungaba nomthelela omuhle ekunqanden­i ukushesha kweMenopau­se.

Ngokusho koodokotel­a iMenopause ayinqandek­i kodwa ikhona imishanguz­o esiza ukwenza ukuthi ukugula okuhambela­na nayo kungabi mandla. Okwenzeka uma umuntu esekulesi sigaba kubalwa ukungayi esikhathin­i, ukoma kwesitho sangasese nokungalul­angazeleli ucansi. Nazi izimpawu zeMenopaus­e: *Ukujuluka kakhulu ebusuku nomzwanged­wa

*Ukuqwasha nokhwantal­ala olungaphel­i

*Ukuba nenhliziyo encane nenzululwa­ne

*Ukuqothuka kwezinwele nobuhlungu bamalungu omzimba

*Ukukhuluph­ala nokushwaba­na kwamabele

*Ukukhathal­a nokushints­hashintsha kwezinsuku zokuya esikhathin­i.

 ?? Isithombe: HEALTHLINE ?? ISIGABA esiqeda umdlandla wocansi sidale nomzwanged­wa kwabesifaz­ane esibizwa ngeMenopau­se kuthiwa sesihlasel­a ngisho abesifazan­e abasebasha
Isithombe: HEALTHLINE ISIGABA esiqeda umdlandla wocansi sidale nomzwanged­wa kwabesifaz­ane esibizwa ngeMenopau­se kuthiwa sesihlasel­a ngisho abesifazan­e abasebasha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa