Ingane isala koninalume uma unina eyogana – ungoti
YATHINTA abaningi ifilimu kaTyler Perry esihloko sithi Daddy’s Little Girls ebiveza usizi lwezingane emuva kokuhlukana kwabazali.
Kule filimu uMonty (Idris Elba) wahlukana nomkakhe uJennifer (Tasha Smith) kwaphoqa ukuthi izingane zisale kuninakhulu. Kuthe sekushone uninakhulu uJennifer wazishaqa wafuna zihlale naye, udaba lwagcina enkantolo. Izingane zabo ezintathu bezikhala nsuku zonke zifuna ukuyohlala noyise ngenxa yokuthi unina ubedla izidakamizwa nesoka lakhe elisha. Lezi ngezinye izimo ezenzekayo emindenini eminingi lapho kuhlukumezeka nezingane ngenxa yokuhlukana kwabazali. Abanye bagcina bedideka ukuthi kumele bakhethe umshado omusha noma bakhethe ukukhulisa izingane bangabe besashada.
Yize abanye bevumelana ngokuhlala nazo zonke izingane abazithole ngaphandle komshado, nalokhu kunezinselelo. Abakhulume naleli phephandaba baveze ukuthi ukuhlala nengane yangaphandle komshado uma umzali wayo engasekho kugwema isikhwele esingaphazamisa inhlalo emshadweni.
UMnuz Madoda Zungu oyisazi samasiko uthe ngokwesintu ingane ibisala koninalume uma unina eyogana kwenye indawo.
“Ingane kumele ilazi ikhaya, yenzelwe khona namasiko. Ngisho ingaya komunye umuzi ayinaso isabelo kulowo mndeni. Ukushiywa kwengane koninalume bekugwema nokuganga kwabantu. Kuyenzeka indoda ivume ukukhulisa ingane okungeyona eyayo emshadweni kodwa bese iyayihlukumeza noma ihlukunyezwe izingane zayo.”
Uthe kwesinye isikhathi indoda iyavuma ukuhlala nengane engayizali bese igcina igweva namalobolo ngisho bekhona abakubo kwengane.
Ongumeluleki wezengqondo, uMnuz Phumlani Mbatha, uthe udaba lwezingane lubucayi futhi kumele abazoshada balukhulume kusenesikhathi. Uthe abazali bajwayele ukuzithathela izinqumo bengezwanga izifiso zezingane.
“Uma kunezingane zangaphandle kumele kukhulunywe kusasele isikhathi eside ngaphambi komshado. Kuyadingeka ukuthi izingane zilungiselelwe ngokomqondo ukuthi impilo izoshintsha. Inselelo enkulu ukuthi izingane ziyaphuza ukujwayela indawo entsha yokuhlala. Kwesinye isikhathi kuba nzima nokujwayela umndeni omusha,” kusho uMbatha.
Uthe kubalulekile nokukhuluma nosonhlalakahle ukuze baluleke abazali nezingane.
“Kuyenzeka ingane ivume ukusala koninalume kodwa isale negqubu lokuthi unina wayishiya wayoshada. Enye iyavuma ukuhamba naye kodwa ingawuthandi umndeni omusha. Ingagcina ishintsha ukuziphatha, iphazamiseke nasesikoleni. Nabazali kumele bakugweme ukulokhu beqhakambisa ukuthi izingane akuzona ezandawonye uma behlala nazo zonke.”