U-Ace usizwe ngamazwi kaPitso owamyala efika
ISELULEKO asithola kuPitso “Jingles” Mosimane ngesikhathi efika kwiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini, yisona esibe wusizo ku-Oupa “Ace” Manyisa ozishaya isifuba ngokuba wumpetha weligi ngesizini yakhe yokuqala efikile kuBafana Ba-Style.
UManyisa (29) omangaze abantu abaningi ngesikhathi eshiya kwiOrlando Pirates engukaputeni, wajoyina iSundowns, akawuvali umlomo ngokwamukelwa akuthole kuleli qembu njengoba esezizwa sengathi kade afika kulona. Ngosizo lukaManyisa oyisithandwa sabalandeli beSundowns, leli qembu lidle isicoco kusasele umdlalo owodwa.
“Ngifike kwiSundowns kungalindele muntu. Ngifikele kubadlali asebenesikhathi bedlala ndawonye ngakho bekungelula. Engakutshelwa umqeqeshi ngizoziqeqesha okokuqala yikhona okube wukhiye wokuthi ngingene ngithi khaxa kulaba badlali engifike sebevele bazana. Umqeqeshi ungibuyisele eceleni wangichazela ukuthi ungilandele ukuzokwandisa kulokhu anakho ngakhoke asikho isidingo sokuthi ngidlale ngize ngiziphule ngoba bangilande nje yingoba bayangazi ukuthi yini engikwazi ukuyena,” kusho lo mdlali ngemuva kokuqukula indebe yakhe yesithathu yeligi (udle ezimbili nePirates).
“Kumnandi ukuzwa lo muzwa wobumpetha futhi. Ngibonga angiphezi kumqeqeshi wami ngokungikhulula ukuba ngidlale ngendlela engiyijwayele. Angazi bengizokwenzenjani ukuba angitshelwanga lokhu ngoba akulula ukuthola isikimu eqenjini olifica lihlangene njengeSundowns,” kuqhuba uManyisa.
UManyisa nozakwabo bamatasa balungiselela indumezulu yomdlalo wokugubha ukuqeda iminyaka eyikhulu uNelson Mandela afika emhlabeni nompetha baseSpain, iFC Barcelona. Lo mdlalo unamuhla ngo-6 ntambama, eFNB Stadium, eGoli.
Kulindeleke ukuthi iBarcelona ifike nazo zonke izihlabani zayo okubalwa kuzona uLionel Messi, Andreas Iniesta, Gerard Pique, Luis Suarez noPhillpe Coutinho, ukukha nje phezulu. Yize umqeqeshi weBarca, u-Ernesto Valverde ekhombise izimpawu zokungawuthatheli phezulu lo mdlalo kodwa izilomo zizobe zikhona kwazise lokho kukhona ezivumelwaneni phakathi kwamaqembu womabili nososeshini abawengamele.
“Angikholwa ukuthi kukhona olindele ukuthi siwunqobe lo mdlalo ngoba amazinga ethu neBarcelona ahlukile. IBarca ishaya wonke amaqembu emhlabeni ngakho ngeke ulindele iSundowns ukuthi yenze okuhlula iReal Madrid neBayern Munich. Sizofunda singabaqeqeshi, nabadlali bayokwenza okufanayo,” usho kanje uMosimane ephawula ngalo mdlalo amathikithi awo asedayiswe aphela. Uzovezwa bukhoma kwiSuperSport.