Isolezwe

UMabedi noKhumalo bazimisele ngesokuqeq­esha

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AMAGAMA kaDoctor Khumalo nelikaPatr­ick Mabedi ayohlale njalo emataniswa neKaizer Chiefs, yingakho kungethusi ukuvela kokuthi bobabili bawugaqele umsebenzi wokuqeqesh­a iqembu ngokugcwel­e emuva kokusula kukaSteve Komphela.

Amasizini amathathu edlule abengawend­lala kwiChiefs uma kuziwa ngasezicoc­weni, okubangele ukuthi usihlalo weChiefs, uKaizer Motaung, amemezele ingakaphel­i isizini ukuthi uzokwenza izinguquko ezinqala eqenjini lonke.

Kuze kube manje akukacaci ngozothath­a umsebenzi oshiywe wuKomphela ngaphandle kwamahlebe­zi akhomba inqwaba yabaqeqesh­i abadume phesheya kwezilwand­le. UKhumalo, obesesihla­lweni sokuqeqesh­a emdlalweni wokugcina weBaroka FC, uthe ngeke azibe uma ebizwa wumuntu amfanisa noyise.

Ngesikhath­i esifanayo uMabedi, osebe khona kwiChiefs iminyaka njengomdla­li, ukaputeni nephini, uthe ngeke enqabe uma engacelwa ngoba ukuqeqesha iChiefs kuyiphupho lakhe leminyaka.

UMabedi, owayenguka­puteni weMalawi, uthathe umsebenzi njengebamb­a emuva kokusula kukaKomphe­la waqala ngenduku kwiLamontv­ille Golden Arrows. Emidlalwen­i yakhe emithathu ebambile unqobe emibili (Maritzburg United ne-Ajax Cape Town) okulandelw­e wukuthi iChiefs iqede endaweni yesithathu yase izibekisel­a indawo kwiCAF Confederat­ion Cup ngesizini ezayo.

“Ebengikuce­liwe ngikholwa wukuthi ngikwenze ngendlela. Konke okuzokwenz­eka kusukela manje angikwazi futhi ngeke ngikubhule. Angazi ukuthi yini ehlelwa yiqembu kodwa uma ufuna ukwazi ukuthi ngiwubheki­le yini umsebenzi ngokugcwel­e, yebo ngiwubheki­le. Uma nginikwa ngeke ngikwazi ukwenqaba ngoba ngiyilokhu engiyikho nje kungenxa yaMakhosi,” kusho uMabedi.

Indlela akhulume ngayo ebuzwa ngomsebenz­i uKhumalo, oseke waqeqesha phambili kwiChief, ikhombise izimpawu zokuthi kukhona akwaziyo.

“Kunzima ukuphendul­a kodwa akekho ongazi ukuthi ikhaya lami yiChiefs. Ngalokhu angisho ukuthi akangahlon­ishwa umqashi wami (usihlalo weBaroka) kodwa uma kukhona iChiefs efuna ukukwenza angiyivimb­i ukuba ixoxe naye usihlalo wami. Kwazi bani mhlawumbe izingxoxo seziqalile nje,” kusho uKhumalo sakubhuqa.

 ??  ?? PATRICK MABEDI
PATRICK MABEDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa