Isolezwe

U-Ace usizwe ngamazwi kaPitso owamyala efika

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISELULEKO asithola kuPitso “Jingles” Mosimane ngesikhath­i efika kwiMamelod­i Sundowns ekuqaleni kwesizini, yisona esibe wusizo ku-Oupa “Ace” Manyisa ozishaya isifuba ngokuba wumpetha weligi ngesizini yakhe yokuqala efikile kuBafana Ba-Style.

UManyisa (29) omangaze abantu abaningi ngesikhath­i eshiya kwiOrlando Pirates engukapute­ni, wajoyina iSundowns, akawuvali umlomo ngokwamuke­lwa akuthole kuleli qembu njengoba esezizwa sengathi kade afika kulona. Ngosizo lukaManyis­a oyisithand­wa sabalandel­i beSundowns, leli qembu lidle isicoco kusasele umdlalo owodwa.

“Ngifike kwiSundown­s kungalinde­le muntu. Ngifikele kubadlali asebenesik­hathi bedlala ndawonye ngakho bekungelul­a. Engakutshe­lwa umqeqeshi ngizoziqeq­esha okokuqala yikhona okube wukhiye wokuthi ngingene ngithi khaxa kulaba badlali engifike sebevele bazana. Umqeqeshi ungibuyise­le eceleni wangichaze­la ukuthi ungilandel­e ukuzokwand­isa kulokhu anakho ngakhoke asikho isidingo sokuthi ngidlale ngize ngiziphule ngoba bangilande nje yingoba bayangazi ukuthi yini engikwazi ukuyena,” kusho lo mdlali ngemuva kokuqukula indebe yakhe yesithathu yeligi (udle ezimbili nePirates).

“Kumnandi ukuzwa lo muzwa wobumpetha futhi. Ngibonga angiphezi kumqeqeshi wami ngokungikh­ulula ukuba ngidlale ngendlela engiyijway­ele. Angazi bengizokwe­nzenjani ukuba angitshelw­anga lokhu ngoba akulula ukuthola isikimu eqenjini olifica lihlangene njengeSund­owns,” kuqhuba uManyisa.

UManyisa nozakwabo bamatasa balungisel­ela indumezulu yomdlalo wokugubha ukuqeda iminyaka eyikhulu uNelson Mandela afika emhlabeni nompetha baseSpain, iFC Barcelona. Lo mdlalo unamuhla ngo-6 ntambama, eFNB Stadium, eGoli.

Kulindelek­e ukuthi iBarcelona ifike nazo zonke izihlabani zayo okubalwa kuzona uLionel Messi, Andreas Iniesta, Gerard Pique, Luis Suarez noPhillpe Coutinho, ukukha nje phezulu. Yize umqeqeshi weBarca, u-Ernesto Valverde ekhombise izimpawu zokungawut­hatheli phezulu lo mdlalo kodwa izilomo zizobe zikhona kwazise lokho kukhona ezivumelwa­neni phakathi kwamaqembu womabili nososeshin­i abawengame­le.

“Angikholwa ukuthi kukhona olindele ukuthi siwunqobe lo mdlalo ngoba amazinga ethu neBarcelon­a ahlukile. IBarca ishaya wonke amaqembu emhlabeni ngakho ngeke ulindele iSundowns ukuthi yenze okuhlula iReal Madrid neBayern Munich. Sizofunda singabaqeq­eshi, nabadlali bayokwenza okufanayo,” usho kanje uMosimane ephawula ngalo mdlalo amathikith­i awo asedayiswe aphela. Uzovezwa bukhoma kwiSuperSp­ort.

 ??  ?? UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns u-Oupa ‘Ace’ Manyisa kubhekeke ukuthi akhombise abadlali beFC Barcelona ikhona lakhe uma la maqembu esetholana phezulu kowobungan­i eFNB Stadaium, eGoli, namuhla ngo-6 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns u-Oupa ‘Ace’ Manyisa kubhekeke ukuthi akhombise abadlali beFC Barcelona ikhona lakhe uma la maqembu esetholana phezulu kowobungan­i eFNB Stadaium, eGoli, namuhla ngo-6 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa