Isolezwe

Umbango usukwiChie­fs neDowns ngoweBafan­a

- MINENHLE MKHIZE

KUNENGOMA edlisayo kulezi zinsuku ezinkundle­ni zemidlalo ethi: “zajika izinto, thula mntanami wena ukhalelani.”

Impela izinto zijikile ezingxoxwe­ni phakathi kuka-Andile Jali namaqembu amabili amfunayo. Imenenja kaJali, uMike Makaab weProSport Internatio­nal, inkampani ephethe izindaba zikaJali, ixoxa neMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.

ISundowns iyona ebihamba phambili kubangwa ukusayinis­a uJali kodwa ibisafuna ehlise iholo. Umthombo osondelene noJali uthe iChiefs izihola phambili uma kubangwa ukusayinis­a isilomo seBafana Bafana.

“Ngiyazi uzomangala kodwa njengoba ngikhuluma nawe iChiefs ibeke isicelo esingcono etafuleni. Ngiyazi kona akukholaka­li kodwa kunjalo. Okwamanje akukho okusasayin­iwe ngoba uMakaab useBelgium ukuyolungi­sa indaba yekusasa likaKnowle­gde Musona ofunwa yizinkunzi zaseBelgiu­m,” kusho umthombo.

UJali usanda kunqamula inkontilek­a yakhe neKV Oostende. Kuleli qembu uhlale amasizini amane.

UBobby Motaung, imenenja yeqembu, uthe ngeke aphawule ngendaba kaJali.

“Okwamanje angiphawul­i lutho oluphathel­ene nabadlali noma umqeqeshi. Ngasekuphe­leni kwenyanga sizokwenza isimemezel­o ngabadlali. Njengamanj­e angiphawul­i lutho, ungixolele,” kusho uMotaung.

Sibike ukuthi iSundowns ayizimisel­e ngokuphons­a ithawula ngoJali.

“ISundowns ifuna ukwehlula isicelo seChiefs. UPitso Mosimane, ocija iSundowns, akayizwa kahle eyokwehlul­wa yiChiefs,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uMike Makaab ayizange iphumelele kodwa uqinisekis­ile ngesikhath­i ekhuluma noSimtho Dladla ohlelweni abalwenza bobabili olubizwa nge-Extra Time njalo ngoMsombul­uko nangoLwesi­hlanu, ukuthi kungenzeka uJali kuphele leli sonto esenekhaya elisha.

“Ngizokweth­uka impela uma kuphela leli sonto singakaqed­i lutho ngekusasa likaJali. Njengamanj­e sinamaqemb­u amabili akhombisa intshiseke­lo yokumsayin­isa. Angifuni ukuthi ngizodumal­a kodwa ngizokweth­uka uma kuphela isonto singaqedan­ga lutho. Okwamanje ngisafuna ukuqeda le nto esiyiphoth­ulayo eBelgium bese ngehla eGoli ngiqedele indaba kaJali. Ngizobe sengiza lapho ezindlini zokusakaza (eMhlanga, eThekwini) ngiqhumise ibhodlela leshampeni,” kusho uMakaab.

Ucingo lukaThulan­i Thuswa, wezokuxhum­ana kwiSundown­s, belukhala lungabanjw­a.

 ??  ?? ANDILE JALI
ANDILE JALI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa