Isolezwe

OWE-PIRATES USEJOYINE I-CHIPPA UNITED

-

BUPHINDE bahlala obala ubudlelwan­o obukhona phakathi kwe-Orlando Pirates neChippa United ngesikhath­i izolo iChilli Boys iveza ukuthi usengowayo uGift Motupa. Bekusalind­elwe ukuthi uMotupa uzobuyela kwiBucs ngesizini ezayo ngemuva kokuba nesizini enhle kwiBaroka FC abebolekis­we kuyona. Kodwa izolo usihlalo weChilli Boys, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, ukuqede konke ukuqagela ngekusasa lalo mgadli ememezela ukuthi usezogijim­a kwezakhe. “Ukhombisil­e ukuthi usezingeni eliphezulu kangakanan­i eshaya amagoli ayisishiya­galolunye kwiBaroka FC . Asingabazi ukuthi uzobe evutha phambi kwamapali ngesizini ezayo,” kusho uMpengesi ocashunwe ekhasini le-twitter leqembu kwi-@ChippaUnit­edFC izolo ntambama.

Kuthiwe uMotupa usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu. Iqembu liveza indaba kaMotupa nje, ngoMsombul­uko liveze ukuthi usenikeziw­e inkontilek­a entsha umqeqeshi uVladislav Heric. Nokho abuvelanga ubude bayo.

UHeric ubethathe izintambo ngasekuphe­leni kwesizini ngemuva kokuthi kukhonjwe indlela uTebogo Moloi, obesehlale izinyanga engenayo inkontilek­a, kulokhu kuthiwa iyeza.

UPotshoza usengakukh­umbuza ukuthi uMotupa akasiye umdlali wokuqala ukusuka kwiBucs alibhekise kwiChippa. UThabo Rakhale ushudwe kulona leli qembu ngoJanuwar­i ngemuva kokungayit­holi indawo esikimini ngaphansi kukaMiluti­n Sredojevic.

UBrighton Mhlongo, ohlulwe wukuyenza eyakhe indawo kanozinti kweZimnyam­a, naye uthuthelwe kuleli qembu elizinze e-Eastern Cape. Kuthe kusenjalo, uMpengesi wadayisela iPirates, uDiamond Thopola noPhetso Maphanga.

Yize uPotshoza enibikela ngalolu daba kodwa ngeke amangale uma engavuka kusasa iPirates isisho okunye ngoMotupa. Phela yona akukho okusemthet­hweni ekukhiphil­e. Phamabilin­i kuke kwasuka inkombanko­mbane uMpengesi ememezela abadlali iBucs ingakasho lutho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa