Isolezwe

BAZONCISHW­A IMIKLOMELO ABADLALI BE-CHIEFS

-

UKUSHAYA udaka kweKaizer Chiefs enkundleni kuholele ekutheni usihlalo weqembu, uKaizer Motaung, abancishe imiklomelo yokuphela kwesizini.

UMotaung esitatimen­deni esifakwe kwi-website yeqembu izolo ntambama, uthe ukuphela kwesizini yesithathu iqembu lilambatha yikhona okuholele ekutheni bangabi nawo umcimbi wokubonga abadlali.

Lolu sizi lwenzeke ngaphansi kobuholi bukaSteve Komphela. UKomphela obekuyisiz­ini yakhe yesithathu kuMakhosi, ushiye isigubhuka­ne ngenyanga edlule ngemuva kokuthi abalandeli bevuke umbhejazan­e balimaza inkundla, iMoses Mabhida kulandela ukuwashisw­a ijezi yiFree State Stars kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup.

Kungokokuq­ala emlandweni ukuthi iChiefs ingabi nawo umcimbi wokuvala isizini.

“Kuwusiko kithina ukuthi sibe nomcimbi lapho iqembu libonga abadlali, abaqeqeshi nabo bonke abasebenzi ngomsebenz­i oncomekayo abawenzela iqembu isizini yonke. Nokho kule sizini sibe nezimo ezimbi lapho iqembu liqede unyaka wesithathu lingaphaka­misanga neyodwa indebe. Isinqumo sethu kube yingenxa yokungenam­i esinakho ngendlela iqembu elenze ngayo nokuhlulek­a wukuzuza ebesizibek­ele khona kule sizini,” kusho uMotaung.

Uthe bazosebenz­isa lesi sikhathi ukukhuculu­la ukuze balungisel­ele isizini entsha njengoba kungekudal­a bezomemeze­la umqeqeshi omusha. Ugcizelele elokuthi abadlali kuzomele ngesizini ezayo balwele ukubuyisa udumo lweqembu lokuwola izicoco.

Kule sizini iChiefs iqede ihleli endaweni yesithathu kwi-log ye-Absa Premiershi­p, okusho ukuthi izodlala kwiCAF Confederat­ions Cup yangesizin­i ezayo. Izophinde iyibambe kwiMTN 8 lapho izobhekana neStars kumaquarte­rfinal.

UPotshoza uthe uma ephonsa iso ekhasini leFacebook laMakhosi, wafica abalandeli besithakas­ela lesi sinqumo sikaMotaun­g.

“Yeah, kuhle lokho. Sebenzisa imali ukuthenga abadlali abalambile futhi abasezinge­ni. Sidinga izindebe ngesizini ezayo. Awucabange nje amasizini amathathu singanqobi lutho, ai ngeke,” kusho uDaniel Bryan Laston.

USeleka Kamuke Itswabare uthe: “Lesi yisinqumo esihle kakhulu. Abafanelwe yilutho. Sidinga abanqobi, amasosha azofela enkundleni. UShaka Zulu wayelibula­la ibutho elalinenxe­ba ngemuva, ngiyabonga ukuthi nawe uyabona ukuthi uphethe abadlali abangekho ezingeni.”

Abanye bathe kungcono imiklomelo inikezwe iqembu leMulticho­ice Diski Challenge eliphekwa ngu-Arthur Zwane, elinqobe iDiski Shield Cup.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa