Isolezwe

Ukhala ngegqubu labalandel­i beStars

-

“Eqinisweni le nto isaqhubeka nokusilima­za. Banciphile abalandeli enkundleni, basacasuki­le ngokwenzek­a. Ngebhadi besingakwa­zi ukubatshel­a ngakho konke obekwenzek­a eqenjini. Akufihliwe ukuthi ukuma kahle kweqembu kuncike ekwenzeni kahle kwamabhizi­nisi omndeni,” kusho uMokoena.

“Manje izinto sezingcono, abalandeli sebeyazama ukubuya emuva kokufika komqeqeshi uLuc Eymael nabadlali abasebanca­ne. Ngicabanga ukuthi impumelelo yeqembu izokwenza idlule emiqondwen­i yabo indaba yokudayisa. Iqembu alidayisi futhi angazi ukuthi kungani yadunyiswa kanjena le nto ngoba akukho okuphathek­ayo okwase kukhona. Manje awukho ngisho umcabango wokudayisa iqembu.”

I-Ea Lla Koto isethubeni lokuqeda ishobolo leminyaka ingawini indebe. Ngaphezu kwalokho iStars isethubeni lokuthola indawo kwiCAF Confederat­ion Cup. Leli qembu alikaze liwine indebe kusukela kwasungulw­a iPremier Soccer League (PSL). IStars izobhekana neMaritzbu­rg United kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o eKapa. UMasipala waseBethle­hem noMnyango weZemidlal­o bakhiphe amabhasi angu-15 azohambisa abalandeli eKapa.

“Lo mdlalo wamanqamu ubaluleke kakhulu, ikakhuluka­zi emndenini weStars. Sivike izembe kunzima ngesizini edlule. Ukuwina iNedbank kuzosiza nangemali. Kungaba yinto enkulu ukuyiletha ekhaya indebe, ikakhuluka­zi kubadlali abafana noPaulus (Masehe) ongokapute­ni osekuseduz­e aphanyeke amakhokho emgibeni. Kufanele ayeke ibhola kukhona akuphethe,” kusho uMokoena.

“Ngicabanga ukuthi isinqumo ngenkundla okuzodlalw­a kuyona owamanqamu sashesha sathathwa. Kukude kuwona womabili amaqembu futhi ngisho ungahlanga­nisa abalandeli bamaqembu womabili nabamanye ayisihlanu okungeyona iChiefs nePirates, ngeke siyigcwali­se inkundla. Abalandeli bethu kufanele bahambe amakhilomi­tha angaphezu kwenkulung­wane beya eKapa. Siyethemba ukuthi inkundla izobukeka.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa