Isolezwe

Kubhekwe isinqumo senkantolo

- MINENHLE MKHIZE noLUNGILE MAJOKA

I-AJAX Cape Town ifuna ihlehliswe imidlalo yokuhlunge­la i-Absa Premiershi­p okumele iqale namuhla ngemuva kokuthi izolo kuphume isinqumo esiyikhomb­a ehlathini ngodaba lukaTendai Ndoro.

Umehluleli weSafa, uWilliam Mokhari, ukhiphe isinqumo esilahla i-Ajax ngecala lokudlalis­a uNdoro ekubeni usayine namaqembu amathathu ngesizini eyodwa okuyinto ephikwa imithetho yeFifa. Le mithetho igcizelela ukuthi umdlali angasayina namaqembu amathathu ngesizini eyodwa kodwa akumele adlalele angaphezul­u kwamabili, okuyinto eyenzeke kuNdoro.

Ekuqaleni kwesizini uNdoro udlale kwi-Orlando Pirates, wayishiya wajoyina i-Al Faisaly yaseSaudi Arabia. NgoJanuwar­i ubuyele kwiAjax lapho okuqale khona izinkinga.

Isinqumo sikaMokhar­i sishove i-Urban Warriors ehlathini, kwiNationa­l First Division (NFD) ephucwe amaphuzu ayisishiya­galolunye. Iqembu lihlawulis­we uR350 000, uNdoro kwathiwa uzomiswa imidlalo emibili. Nezindleko zecala zibekwe kwi-Ajax.

Amaqembu anikezwe amaphuzu, yiPlatinum Stars, SuperSport United nePolokwan­e City okuyiwona afaka izikhalo ngokudlali­swa kukaNdoro. I-Pirates yasifaka kodwa yabuye yasihoxisa.

I-Ajax igcine iqede emsileni ngamaphuzu angu-21, iStars yakhuphuke­la endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-27. Lokhu kusho ukuthi iDikwena yiyona osekumele ivule imidlalo yokuhlunga neBlack Leopards.

Umdlalo kumele ube namuhla eThohoyand­ou ngo-3 ntambama njengoba, i-Ajax izolo iveze ukuthi ifuna uhlehliswe.

“I-Ajax ixhumana nethimba layo labameli ngesinqumo sikaWillia­m Mokhari. Iqembu limatasa lilungisa amaphepha elizowafak­a eNkantolo eNkulu yaseGoli ukuze udaba lulalelwe kusasa (namuhla) ngo-10 ekuseni. Phakathi kwezinto ezifunwa yiqembu ukuthi imiswe imidlalo yokuhlunga eqala ngoLwesith­athu (namuhla) ngoMeyi 16 ngo-3 ntambamba. Lokhu sizokwenza ngokuphuth­uma sibe sisacubung­ula isinqumo sikamehlul­eli,” kusho isitatimen­de se-Ajax ekhasini layo leTwitter izolo ntambama.

Isikhulu esiphezulu esibambile kwiPremier Soccer League (PSL), uMato Madlala, sithe kuyilungel­o le-Ajax ukudlulise­la udaba phambili.

“Thina siyiPSL akekho umuntu esilwa naye. Uma i-Ajax ibona kuyindlela efanele ukuthi iludlulise­le phambili lolu daba ngeke size siyiphikis­e. Sizolalela isinqumo senkantolo bese silandela imigudu efanele. Okwamanje asifuni ukuqagela. Sizolinda kuze kube khona okubhalwe phansi okufika kithina,” kusho uMadlala.

Isinqumo sikaMokhar­i sikhiphe AmaZulu FC kwiTop 8. Lokhu kungenxa yokuthi iSuperSpor­t United ngelinye lamaqembu afaka isikhalo ngokudlali­swa kukaNdoro.

Ukuvunwa isinqumo sayizolo kuyinikeze amaphuzu amathathu, yakhuphuke­la endaweni yesikhombi­sa kwi-log ngamaphuzu angu-39, AmaZulu ashoveleka endaweni yesishiyag­alolunye.

Okhulumela Usuthu, uBrilliant Mkhathini, uthe: “Isinqumo sisesisha. Sizosithum­ela kubameli bethu basicubung­ule ngoba yonke le nto eyenzekayo sonke siyayiqala.

Isinqumo esizositha­tha sizoncika kulokhu abazoselul­eka ngakho.”

NgokwePSL imidlalo yokuhlunga kumele isongwe ngoJuni 2, elinye iqembu elikuyona iJomo Cosmos.

I-Leopards ithe ilungele noma yini ngoba vele kuyiwe emidlalwen­i yangempela­sonto ingazi ukuthi izodlala nobani. IDikwena nayo ikubeke kwacaca ukuthi akuyethusi okushiwo yi-Urban Warriors ehlela ukufaka lolu daba enkantolo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI we-Ajax Cape Town uTendai Ndoro usesuse esikhulu isiphithip­hithi ngodaba lwakhe lokudlalel­a amaqembu amathathu ngesizini eyodwa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI we-Ajax Cape Town uTendai Ndoro usesuse esikhulu isiphithip­hithi ngodaba lwakhe lokudlalel­a amaqembu amathathu ngesizini eyodwa
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa