Isolezwe

Imisakazo ayingaband­lululi uma iqasha

-

MHLELLI: Kuyaye kujabulise ukubona izinhlanga ezahlukene zihlangene ndawonye ngazwi linye. Akukhathal­ekile ukuthi zisuke zihlangene ngani, kuphela nje uma kuyinto enhle.

Ngike ngabuka imisakazo eminingi ukuthi emsakazwen­i othile kugcwele luphi uhlanga. Ukhozi FM neGagasi FM kugcwele amaZulu. Okuyinto enhle nokho leyo ngoba ikhombisa ubumbano phakathi kwamaZulu. Okuyiyona engishisa ibunzi ngeyokuthi akukho noyedwa owomdabu waseNdiya, ikhaladi noma iBhunu emisakazwe­ni yendlu ensundu. Nabo uma ubheka bagcwele eziteshini “zabo” lapho ongeke umthole umuntu welinye ibala.

I-East Coast Radio iyazama ukuhlangan­isa zonke izinhlanga. Abantu abagcwele khona amakhaladi namaNdiya. I-5FM iqukethe kakhulu amaNdiya, amakhaladi namaBhunu. Bese uzobuka iLesedi FM, uMhlobo Wenene, Thobela FM, Ligwalagwa­la FM, RSG, Lotus FM neminye eminingi inabasakaz­i bohlanga abalusakaz­elayo. Phela nokucwasan­a ngeke kuphele uma imisakazo isazoqasha umSuthu emsakazwen­i olalelwa ngabeSuthu.

Akesibone abadidiyel­i bezinye izinhlanga bedidiyela izinhlelo zoKhozi, zeGagasi, zeRSG, zeLotus njll. Akesizwe abaxubi bezingoma bezinye izinhlanga eziteshini zabezinye izinhlanga. Lokhu kuzokwenza ukuthi lolo hlanga lufunde ulimi lolunye uhlanga. Kuyaxaka ukuthi imisakazo efana neMetro FM kugcwele ibala elinsundu kodwa bebesakaza ngoLimi lwesiNgisi. Lokhu kungadala ukubumbana okuqinile phakathi kwezinhlan­ga ezahlukene. Ngiyacaban­ga nezinga lokucwasan­a lingehla.

Lokhu kungabalul­a futhi uma isiteshi sifuna ukuyokwenz­a umcimbi ohlangeni oluthile. Nabakhangi­si abangakaze bakhangise kuleso siteshi bangaqala basibheke ngelinye iso. Nanokuthol­a nje abalaleli bolunye uhlanga kungaba yinto enhle ngenxa yokuthi sekuxutshw­e izinhlanga. Imisakazo efana neRSG ngeke sisayithat­ha njengemisa­kazo elalelwa ngamaBhunu kuphela. Lapha ngikhuluma ngeLesedi FM engathi yakhelwe abeSuthu kuphela.

Abaphathi kumele beze nento ehlukile futhi ezobenza bazuze baphinde bahlomule kakhulu ngabaleli abasha. Angibonge. Themba Dlamini

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa