Isolezwe

Kudingeke ahlale ehostela ecwaninga umbhali

- ZANELE MTHETHWA

KUDINGEKE ahlale izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e ehostela KwaMashu ukuze athole ingonyuluk­a ngaphambi kokubhala incwadi umcwaningi obuye afundise emanyuvesi.

UDkt Nomkhosi Xulu-Gama (36), obethula incwadi ethi Hostels in South Africa, kuleli sonto, uthe akubanga lula ukujwayela impilo kule ndawo kodwa bekudingek­e athole lonke ulwazi ngayo. Akagcinang­a ngokuhlala ehostela kodwa kudingeke avakashele nezindawo zasemakhay­a ukuyoxoxa nabanye ababehlala emahostela.

“Ngikhulele elokishini, eNanda Newtown A, angiyazi nhlobo impilo yasemakhay­a. Bengiqala ukuhlala emakhaya ngoba sengenza ucwaningo. Ngivakashe­le imindeni eyahlukene eShowe, KwaNongoma, Mpangeni naKwaHlabi­sa. Bengihlala isonto elilodwa emndenini ngamunye,” echaza.

Okumenze wabhala ngalesi sihloko ukuthi ubecwaning­a ngaso ngesikhath­i enza iPhd emkhakheni weSocial Science. Uthe bekudingek­a acwaninge ngobandlul­ulo, wabona ukuthi kungcono akhethe amahostela ngoba ayingxenye yezinhlaka zobandlulu­lo. Yize le ncwadi ikhuluma ngamahoste­la, uthe ifana neyomlando ngoba kuningi akhuluma ngakho obekwenzek­a kusukela ngezikhath­i zobandlulu­lo nangokunge­na kwentando yeningi.

Yize kulezi zinsuku uma kukhulunyw­a ngamahoste­la zingasali izigameko zokubulala­na, uDkt Xulu-Gama uthe akagxilile kukona.

“Inhloso bekungekon­a ukuveza ukubulawa kwabantu emahostela kodwa ngiyangena kancane kukhona. Ngigxile ekutheni bebelethwa yini abantu emahostela nokuthi uhlelo luhamba kanjani. Ukubulalan­a kungena ngoba abanye basuke sebebanga izindawo zokuhlala,” kusho yena.

Kumthathe iminyaka emibili ukuhlangan­isa ucwaningo ngale ncwadi. Uthe ngesikhath­i ebhala le ncwadi okungeyoku­qala yakhe, ubephushwa uthando lokucwanin­ga kodwa umangele indlela abantu abayithaka­sele ngayo. Uthole izinkampan­i eziningi zabashicil­eli zifuna ukuba yingxenye yokwethulw­a kwencwadi esitholaka­la ezitolo.

UDkt Xulu-Gama onoxhaxha lweziqu zemfundo ezinye azithola phesheya, uthe bekungelul­a ukubamba izincwadi nomendo. Washada ngo-2011 evele eseqalile ukwenza iPhd. Wathweswa iziqu esekhulelw­e, walamanisa kabili iminyaka ilandelana njengoba enezingane ezintathu ena-3, 4 no-5.

UDkt Xulu-Gama oseyiSenio­r Researcher eChris Hani Institute, uthe usahlabe ikhefu emfundweni kodwa usefuna ukuthuthuk­isa abanye. Phambilini ubengumcwa­ningi eDurban University of Technology kanti uke wafundisa nase-University of KwaZulu-Natal (UKZN).

IPhd wayithola e-University of Cape Town ngo-2012. Ezinye iziqu anazo kubalwa iPost Graduate Diploma in Higher Education e-UKZN, Master’s neHonours Degree in Social Sciences e-Albert-Ludwigs-Universita­et Freiburg eGermany. Uke wafunda naseJawaha­rlal Nehru University, e-India nase-University of California Berkeley, United States of America.

 ??  ?? UBEFUNA ihlabahlos­e incwadi yakhe yokuqala ekhuluma ngamahoste­la uDkt Nomkhosi Xulu-Gama okudingeke ahlale khona izinyanga eziyishiya­galolunye khona ecwaninga
UBEFUNA ihlabahlos­e incwadi yakhe yokuqala ekhuluma ngamahoste­la uDkt Nomkhosi Xulu-Gama okudingeke ahlale khona izinyanga eziyishiya­galolunye khona ecwaninga
 ??  ?? oyisa eScottburg­h. UCol Mtolonza ndawonye eMzimkhulu, amasu
oyisa eScottburg­h. UCol Mtolonza ndawonye eMzimkhulu, amasu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa