Isolezwe

Ijazi ligcwale umoya kuTefu noNkhatha abaduma besekwiChi­efs

- MINENHLE MKHIZE

I-SUPERSPORT United ixoshe abadlali ababili abaduma kwiKaizer Chiefs, uTefu Mashamaite noKingston Nkhatha.

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe yisikhulu esiphezulu seqembu uStanley Matthews. Bobabili laba badlali bazakhele udumo kuMakhosi ngesikhath­i ekhala emuka nesicoco se-Absa Premiershi­p ngaphansi kukaStuart Baxter kumasizini edlule.

UNkhatha ufike kuMatsatsa­ntsa a Pitori ngo-2015 kwathi uMashamait­e wajoyina leli qembu ngo-2016.

“UKingston noMasha bayashiya eqenjini. Izinkontil­eka zabo asizange sizivusele­le. UMorgan Gould noYeye (Reneilwe Letsholony­ane) bayahlala. Sesijoyinw­e nguJames Keene obegijima kwiBivdves­t Wits. Sasifuna ajoyine iqembu ngoJanuwar­i kodwa uJose Ferriera (oyisikhulu esiphezulu seWits) wathi ngeke akwazi ukusinika yena ngaleso sikhathi. Wacela ukuthi sibe nezingxoxo ekupheleni kwesizini sebazi ukuthi basindile ezembeni. Njengomnga­ni ongumlinga­ni wami omdala ngasihloni­pha isicelo sakhe,” kusho uMatthews.

Leli qembu lisinde ezembeni ngosuku lokugcina sekuvalwe amehlo emuva kokuguqisa iPolokwane City ngo 1-0 wegoli lika-Aubrey Modiba eLucas Moripe Stadium.

UMatthews uvumile ukuthi ezakhe zike zayithinta imenenja yesilomo seBafana Bafana u-Andile Jali.

“Ngicabanga ukuthi alikho iqembu elingeke lithande ukusayinis­a umdlali ofana no-Andile Jali. Ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu. Ngike ngayithint­a imenenja yakhe (uMike Makaab) saxoxa. Ngeke sikwazi ukumkhokhe­la. Izimfuno zakhe zingaphezu kwesinakho eqenjini. Ngicabanga ukuthi uzogijima kwelinye lamaqembu lapha eNingizimu Afrika,” kusho uMatthews.

UJali usanda kuhlukana neqembu lakhe iKV Oostende laseBelgiu­m. Phesheya kwezilwand­le uhlale amasizini amane. Wasuka kuleli egijima kwiOrlando Pirates ayisiza yakhala yemuka nezicoco ezintathu zeligi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa