Isolezwe

Injabulo iDistructi­on Boyz iqokwa kumaBET

- FANELESIBO­NGE BENGU

LIFUNA ukusebenzi­sa ukuqokwa kwalo kumaBET Award njengesite­bhisi sokufinyel­ela kuwo wonke amakhona omhlaba iqembu legqom’ laseThekwi­ni, iDistructi­on Boyz.

Iqembu elibunjwe nguThobani “Que” Mgobhozi noZipho “Goldmax” Mthembu, liqokwe emunxeni weBest Internatio­nal Act Award.

Liqhathwe nomrepha wakuleli uCassper Nyovest, abaculi baseNigeri­a uDavido noTiwa Savage, uFally Ipupa (DR Congo), Booba (France), Dadju (France), J Hus (UK), Niska (France), Stormzy (UK) noFtefflon Don (UK), UQue uthe bajabulile ngokuqokwa.

“Besingazi ukuthi sigqamile emhlabeni jikelele. Sifuna ukusebenzi­sa lokhu ukuze umculo wethu ufike lapho singakwazi ukufika khona nathi siye lapho singakaze sicabange khona ngoba abantu bazobe sebesazi,” kusho uQue.

Uthe bafuna ukuqhubeka nokujabuli­sa ezinye izizwe njengoba sebeqalile ngokudlala kwamanye amazwe. Muva nje bebese-United Kingdom lapho kade benandisa khona eLondon naseBirmin­gham.

UQue uqhube wathi banalo ithemba lokubuya nayo indondo.

“Abantu bayawuthan­da umculo wethu futhi sisanda kubuya nendondo emiklomelw­eni ebesiqokwe kuyo eNamibia (indondo yePanAfric­an Artist of the Year kumaNamibi­an Annual Music Awards),” kuchaza uQue.

Uthe okwamanje ayikho ingoma abayiphush­ayo ekwialbham­u yabo yokuqala iGqom is the Future kunalokho baphusha ekaDladla Mshunqisi ethi Pakisha abayenze naye.

Ngaphandle kwamaBET Awards iDistructi­on Boyz iqokwe kumaSouth African Music Awards azoba seSun City ngoJuni 2.

UQue uthe bakubheke ngabomvu ukuhlabana ngendondo yeRecord of the Year ngengoma ethi Omunye.

“Besifisa nokuqokwa kwiBest Duo or Group ngoba alikho iqembu elisebenze njengathi kodwa sijabulela lokhu esikutholi­le ngoba akukho esingakwen­za,” kusho uQue. Ukuvota uya ku-www.bet.com Imiklomelo izokhonjis­wa ngo-8 ebusuku ngoJuni 26 June.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? IQEMBU legqom’ laKwaMashu iDistructi­on Boyz liyachichi­ma yinjabulo ngokuqokwa kwalo emunxeni weBest Internatio­nal Act kumaBET Award anonyaka
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) IQEMBU legqom’ laKwaMashu iDistructi­on Boyz liyachichi­ma yinjabulo ngokuqokwa kwalo emunxeni weBest Internatio­nal Act kumaBET Award anonyaka
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMREPHA uCassper Nyovest uphinde waqokwa kumaBET Award okwesithat­hu
Isithombe: SITHUNYELW­E UMREPHA uCassper Nyovest uphinde waqokwa kumaBET Award okwesithat­hu
 ??  ?? ESINYE seziqephu zomdlalo iKing
ESINYE seziqephu zomdlalo iKing

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa