Isolezwe

Ufuna intsha ingasali emdlalweni weshashala­zi ongeSilo uCetshwayo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSUNGULI womdlalo weshashala­zi okhuluma ngomlando weSilo uCetshwayo, uJerry Pooe, uthe kubaluleki­le ukuthi abantu abasha bahlale bekhunjuzw­a ngomlando wezwe.

“Abantu abaningi abayazi indima eyakhathul­wa ngamakhosi ekutheni leli lizwe lithole inkululeko. Sicabanga ukuthi wosopoliti­ki kuphela ababamba iqhaza,” kusho uPooe.

Uqhube wathi: “ISilo uCetshwayo saba neqhaza elikhulu futhi yisona kuphela esakwazi ukunqoba amaNgisi. Abantu abasha kumele bakwazi lokho.”

Lo mdlalo, okulingisa kuwo abalingisi abangu-40, iKing Cetshwayo the Musical, uzokhonjis­wa ePlayhouse, eThekwini, ngoJuni 20 uphele ngomhla ka-23. Umqondisi womculo nguMbuso Khoza.

Omunye wabalingis­i okhona nguNhlakan­ipho Maphumulo odlala indawo kaMnyamana. UMaphumulo udlala indawo kaNduna kuZalo.

Njengoba uza kuleli nje, ngonyaka odlule ukhonjiswe okokuqala eWales ngesikhath­i kugujwa iminyaka engu-135 iSilo uCetshwayo sasise-United Kingdom.

UPooe uthe banezinhle­lo zokuthi umdlalo uhambele nezinye izindawo.

“Sizama ukuthi siwuyise kwezinye izindawo njengasoLu­ndi, eMgungundl­ovu nalapho sizomenywa khona. Kumanje ngisePitol­i nakhona siyafuna ukuwuletha,” kusho uPooe izolo emini.

Uthe njengoba bebheke ukuthi kube ngabantu abasha ababuka kakhulu umdlalo, abaneminya­ka engu-18 bazothola isaphulelo emathikith­ini, bazodayise­lwa ngoR30. Abadala linguR50, litholakal­a ePlayhouse naseComput­icket. Umdlalo uqala ngo-7 ebusuku.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? Cetshwayo the Musical ozokhonjis­wa ePlayhouse ngenyanga ezayo
Isithombe: SITHUNYELW­E Cetshwayo the Musical ozokhonjis­wa ePlayhouse ngenyanga ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa