Isolezwe

Kusolwa isikhwele kozishise nentombi

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA isikhwele kowesilisa okuthiwa uzingqongq­ise ngomlilo nentombi yakhe endlini yabo eZamani, KwaDukuza izolo.

UMnuz Thulani Makhathini (42) ushe wafa nentombi yakhe uNksz Thobeka Ntshangase (25). Bese behlale cishe iminyaka emithathu ndawonye.

Umsolwa kuthiwa ulinde kwahamba izingane zabo ezintathu zaya esikoleni. Ukhiphe izinto zikagesi okubalwa ithelevish­ini, isipikha se-radio nokunye wakuyisa kubo.

Kuthiwa usebenzise isigubhu sikaphethr­oli ukuqala umlilo.

Kuthiwa ngo-7 ekuseni omakhelwan­e babone kusha indlu enamakamel­o amane, kukhiyiwe izicabha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokubulala nedokodo ngokushona komuntu.

“Amaphoyisa abizwe ngo-7 ekuseni afica izidumbu ezimbili, owesilisa ona-42 nowesifaza­ne athandana naye ona-25. Bekunesigu­bhu sikaphethr­oli ngaphakath­i endlini. Amacala avulwe KwaDukuza, kuyaphenyw­a,” kusho uCol. Mbhele.

Umthombo ongathanda­nga ukudalulwa uthi umsolwa ubenesikhw­ele ngobuhle bentombi yakhe. Kuthiwa ubethi ubuhle bentombi buyibizela izesheli.

Kuthiwa usanda kusola intombi ngokunika abesilisa inombolo yocingo lwayo bese beyishayel­a.

Izinsolo zokuthi babange iselula ziqiniswe wukutholak­ala kweselula yentombi eceleni kwendlu ngasewindi­ni. Kusolwa ukuthi bebeyibang­a nomsolwa, intombi yayilahla ngewindi.

“Ubenesikhw­ele ngobuhle bentombi yakhe, siyasola ukuthi siholele ekutheni enze le nto,” kusho umthombo.

Isolezwe liye emzini kaMakhathi­ni izolo. Lifice kukhala ibhungezi kusabonaka­la ukuthi kusashunqa. Omakhelwan­e abebezihla­lele emizini yabo bathe nabo babone sekusha.

Kuthintwa umfowabo kamufi ngocingo, uMnuz Sandile Nsele uthe nabo basadideki­le ngokwenzek­ile.

“Besingekho ngesikhath­i kusha umlilo njengoba umfowethu ehlala nezingane zabo ezintathu nentombi yakhe. Sibiziwe, safika kusha. Sizamile ukucima kodwa kwangasiza. Sizolinda uphenyo lwamaphoyi­sa ukuthola okwenzekil­e,” kusho uNsele.

Ebuzwa ngezinsolo zokuthi ngumfowabo oqale umlilo ngenxa yesikhwele uthe ngeke aphendule ngalokho ngoba bebehlezi bobabili nentombi akekho obonile ukuthi kwenzekeni.

Izingane zalaba kuthiwa zineminyak­a ephakathi kwengu-9 no-7.

UNsele uthe ushayele esikoleni ukuqinisek­isa ukuthi bezingekho endlini ngesikhath­i kusha. Izingane ezimbili ezikaMakha­thini eyodwa yafika noNksz Ntshangase.

Isolezwe lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje eminyakeni edlule umsolwa wahlengwa esezilengi­sile kuyo le ndlu kulandela ukuxabana nenye intombi ayethandan­a nayo.

UMakhathin­i kuthiwa uyena obesebenza, ondla umndeni wakhe.

Kwenzeka lesi sigameko nje ngeSonto loSuku loMama ujele uMnuz Sipho Dlamini wadubula inkosikazi yakhe uNkk Ntombizodw­a Dlamini phambi kwabazali bakhe. UDlamini naye wazidubula. Kuthiwa laba baba nengxabano.

Ngaphambi kwalokhu bekubulewe uNksz Zolile Khumalo, obeyisitsh­udeni saseMangos­uthu University of Technology (MUT), okusolwa owayeyisok­a lakhe. Lisahamba icala isoka. Ngaphambi kwalapho iphoyisa laseGingin­dlovu lashiswa nguyise wezingane ngemoto yalo, lisahamba icala. Muva nje KwaKhangel­a KwaNongoma kusathungw­athwa umsolwa, owadlokodl­a unina wezingane ezintathu, wagcina ngokumbuny­ela ngophethro­li wambulala. Akakaboshw­a umsolwa ngecala.

Kusuka uqalile lo nyaka ziyanda izibalo zabesifaza­ne ababulawa amasoka namadoda abashade nawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa