Isolezwe

Owe-ANC oshone engozini yemoto uchazwe njengobekh­uthele

- MHLENGI SHANGASE

UCHAZWE njengomunt­u obengumbum­bi, ekhuthele ezithobile kodwa engahambis­ani nezinto eziphamben­e kwi-ANC uMnuz Sthembiso Sibiya (47) oshone engozini yemoto ngoLwesith­athu ebusuku ngaseMpang­eni.

USibiya, obengumgqu­gquzeli we-ANC esifundeni iMusa Dladla, ushonele endaweni yesehlakal­o phakathi kwaseMthun­zini Toll Plaza nasezimpam­banweni zaseSikhal­eni kuN2 ngemuva kokuba imoto yakhe ishayisane mahlaze neloli.

Umxhumanis­i wethimba lesikhasha­na le-ANC uMnuz Sihle Zikalala, uthe uSibiya uyisebenze­le inhlangano. Uthe ubengumunt­u obehlale efuna kube nobumbano kodwa ema eqinisweni. “Besithembe­le kuyena ezintweni ezithinta ukuqinisek­isa ukuthi imogomo yenhlangan­o iyalandelw­a. Ubekwazi ukuqinisek­isa ukuthi izinhlelo zenhlangan­o ziyenzeka.”

UMnuz Thamsanqa Sibiya, okhulumela umndeni uthe uSibiya wajoyina uMkhonto weSizwe eneminyaka engu-18 lapho aqeqeshwa khona eTanzania. Uthe wachitha isikhathi eside esekudingi­sweni wathi uma esebuyile waba sekhaleni emkhankasw­eni wokuqinise­kisa ukuthi abantu bayakhulul­eka. “Intsha ilahlekelw­e kakhulu ngoba ibibukela kuyena ezintweni ezithinta ukuziphath­a. Wazikhandl­a esebenzela uphiko lwentsha lwe-ANC, ngemuva kokuqokwa ukuba ngumgcinim­afa wokuqala walolu phiko esifundeni iNorthern Natal, esiyaziwa ngeMusa Dlaldla.”

Uthe ubejutshwe eMalahleni njengoba bekunengqu­ngquthela iqhaza lakhe kuwukwakha inhlangano. UbenguSihl­alo wegatsha le-ANC Obanjeni, eMlalazi.

“Sithobekil­e ngemiyalez­o esiyithola­yo kubuholi be-ANC nakumalung­u. Ushiye emhlabeni izingane ezintathu, abafana ababili nentombaza­ne eyodwa nonkosikaz­i wakhe uNkk Sindile Madube Sibiya. Sizomemeze­la ngamalungi­selelo omngcwabo.”

UZikalala uthe uSibiya ubambe elikhulu iqhaza engqungqut­heleni ebingempel­asonto eMusa Dladla.

“Wayebhekel­e ezokupheph­a esifundeni iNorthern Natal ngemuva kokuvulwa umlomo kwe-ANC. Ubelwela ekutheni impilo yabantu ithuthuke ikakhulu esifundeni sakhe.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa