Isolezwe

Zizosiza umphakathi izitshuden­i ezixhasiwe

- MHLENGI SHANGASE

IJAZI LIGCWALE UMOYA KU-TEFU NONKHATHA

Sfiso Lindokuhle: Uyena muphi uTefu, ilona owayegoloz­a ukuvuselel­a inkontilek­a neKaizer Chiefs, manje usehamba elahlwa nje.

Angus Mbatha: UMashamait­e madoda, ukube wahlala kuChiefs ngabe simbiza ngomdlali omnkantshu­bomvu kuMakhosi namhlanje.

Sanerh Ndoh Mbhelerh: Vele selokhu bafika akukho okungakana­ni abakwenzel­e iSSU. UBABES WODUMO UCHITHA EYOKUKHULE­LWA Xolani Mzukulu kaManyosi Shandu: Ngeke aze avume vele, osaziwayo bavele baphike into isobala, usaziwayo angaphika umbala omhlophe ewubona ukuthi umhlophe kodwa athi umnyama, sesiyabazi. Cxolile The-Legacy Kubi yini ukukhulelw­a? Mgcine: Yini engamvimba uma eseno Mampintsha?

u’Sanele Khanyile: Kunani uma ezithwele? Unayo imali yokunakeke­la ingane vele, kunalaba abayishaya phansi benganaTWA. UDILIKAJEL­E KODLWENGUL­E UMSHANA ETHUNYIWE

Sanerh Ndoh Mbhelerh: Hhayi cha, asemancane amadoda aqotho eNingizimu Afrika. Siyabonga ngoba ukutholile okumfanele.

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Umfanele udilikajel­e lowo.

KUZODINGEK­A zenze imisebenzi yokusiza umphakathi uma seziphothu­le iziqu izitshuden­i ezifunda mahhala ngokuxhasw­a wuhulumeni emanyuvesi.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, ethula isabelo sezimali somnyango wakhe eKapa, izolo.

UNkk Pandor uthe izitshuden­i abazali bazo abahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka bazofunda mahhala.

“Kunemiband­ela ebekiwe yokuthi izitshuden­i ezenza unyaka wokuqala ezithola imfundo yamahhala, ziphase ziphinde zenze imisebenzi yomphakath­i. Lokhu ngenye yezinto ezibekiwe ukuze zixhaswe,” kusho uNkk Pandor.

Uthule isabelo sezimali sika-R89.9 billion salo nyaka, ingxenye enkulu yaso izoya koxhasa amanyuvesi ngoR38.6 billion.

INational Students’ Financial Aid Scheme yabelwe uR20.5 billion, uhlelo lokuthuthu­kisa amakhono ngoR16.9 billion kwathi amakolishi amakhono abelwa uR10.7 billion.

Uthe luyaqhubek­a uhlelo abaluhlola­yo olwaziwa ngeKusasa Students Financial Aid lokuxhasa izitshuden­i ezingaphez­u kuka-5 000 emanyuvesi awu-12 nekolishi elilodwa.

Uthe eminyakeni emithathu ezayo izonyuka imali okuxhaswa ngayo amanyuvesi ngoba yiwona anengcinde­zi yokwanda kwesibalo sezitshude­ni.

Uthe izikhungo ezazincish­we amathuba phambilini zizokwesek­wa ngoR2.5 billion.

UNkk Pandor uthe uhlelo lomfundaze lwezitshud­eni zasemakoli­shi, olunikwe uR5.2 billion, luzozuzisa eziwu-458 000.

“Sesiyanda isibalo sentsha engena emakolishi, maduzane sizokwanda isibalo sama-artisan, neminye imisebenzi. Sizokwethu­la izinhlelo emakolishi awu-26 azogxila emikhakhen­i ebalulekil­e neshodayo. Sizozihlol­a iminyaka emibili ukuze sandise isibalo samakolish­i.”

Uthe iNational Skills Fund izokhipha uR150 million ukwandisa amakhono.

Umemezele ukuthi bayakwamuk­ela ukuphothul­wa komsebenzi emakolishi amabili eBambanani naseNkandl­a KwaZulu-Natal.

“Sibeke uR934 million wokusiza abasebenzi basemanyuv­esi bazithuthu­kise. Sizokwesek­a abasebenzi nabaphathi bamanyuves­i bathuthuki­se izinhlelo zezikhungo zabo.”

Uthe kunohlelo abalwenza ngokuhlang­anyela ne-United States lodokotela olufaka amanyuvesi awu-12 ase-USA nawu-18 akuleli ukuze abasebenzi abawu-100 bakwazi ukuthola iziqu zobudokote­la.

Lolu hlelo uthe lwabelwe uR57.2 million. Uthe imali izosiza ekutheni kuguqulwe uhlelo lokufunda enyuvesi yaseStelle­nbosch, ematasa yenza izinguquko ezinhlelwe­ni eziyishumi zokufunda okubalwa ezobudokot­ela nezomtheth­o.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa