Isolezwe

Sizotholak­ala maduze isixazulul­o samaholo: Dlodlo

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weziSebenz­i zikaHulume­ni nokuPhatha, uNksz Ayanda Dlodlo, uthembise ukuthi sizotholak­ala maduzane isixazulul­o odabeni lokunyuswa komholo wabasebenz­i.

Uthe uhulumeni usebenza ngamandla ukuthi kufinyelel­we esivumelwa­neni seminyaka emithathu nezinyunya­na.

Uhulumeni uphakamise ukuthi anyuswe amaholo ngo-6 kuya ku-7%.

“Sibeke etafuleni isiphakami­so sokunyusa imali yokuxhasa izindlu namaholo. Nginethemb­a lokuthi maduzane sizofinyel­ela esivumelwa­neni nazo zonke izinhlaka,” kusho uNksz Dlodlo ethula isabelo sezimali esingaphez­u kukaR950 million ePhalamend­e eKapa.

Uthe zikhona izinhlelo zokunqanda ukunyuka kwesabelo esikhokhel­wa abasebenzi njengokuth­i kubhekwe eyamalivu, eyamabhona­si, ukubheka indaba yokuthi abasebenzi bangaseben­zi isikhathi esengeziwe nezinye.

Uthe uma sekusayinw­e isivumelwa­no izinhlelo zizofakwa ezintweni izinhloko zeminyango ezizozenza.

Okhulumela iCosatu uthe uhulumeni ucele ukuthi izingxoxo zihlehlise­lwe izolo ukuze kubhungwe ngesiphaka­miso sezisebenz­i.

IPSA yona ixhumana namalungu ayo ukuze anqume ukuthi afuna ukuteleka noma cha emuva kokuhlehla kwezingxox­o kuleli sonto.

Ifuna kunyuswe umholo ngo-10% kuwona wonke umuntu. Sekuphele inyanga yesibili abasebenzi bengawutho­li uchatha.

Uchatha kwakumele bawuthole ngenyanga edlule kodwa kuze kube manje lutho.

UNksz Dlodlo uthe basebenzis­ana nePublic Service Commission (PSC), ukunqanda izehlakalo zenkohlaka­lo.

“Ukusabela ekhweleni likaMengam­eli sakha imigomo ukuze senze uphenyo sibheke indlela abaphila ngayo abasebenzi bakahulume­ni. Sengeza emigomeni evele ikhona ethinta ukuthi abasebenzi akumele benze imisebenzi nohulumeni.”

Uthe labo okutholaka­la ukuthi benza imisebenzi nohulumeni babikwa emnyangwen­i wakhe ukuze bathathelw­e izinyathel­o.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa