Isolezwe

AmaSuluman­e aqinise ukuphepha

- ZANELE MTHETHWA

KUQINISWE ukuphepha kusukela ngoLwesith­athu ebusuku emasontwen­i amaSuluman­e njengoba kuqala umkhosi iRamadan emuva kokuhlasel­wa kwesonto e-Ottawa, eThekwini.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Azad Seedat, uSihlalo nomsunguli wesonto i-Iman Hussain Ottawa, eVerulam, elahlaselw­a ngoLwesine olwedlule kwashona oyedwa. Ukusho lokhu esithangam­ini nabezindab­a ebesihlelw­e ngabaholi bezenkolo abehlukene eThekwini. Uthe njengoba kuqala inyanga yabo yokuthanda­za bafuna ukuqinisek­isa ukuthi baphephile, kungaphind­eki okwaseVeru­lam.

“Sicele amaphoyisa abonakale kuzo zonke izindawo zethu zokukhonza njengoba kuqale iRamadan. Sizoqhubek­a nokuqinisa ezokupheph­a ngoba namanje asazi ukuthi ngobani abahlasele eVerulam. Sihlela nokuthi kube namakhamer­a ezindaweni zokuthanda­za ukuqinisa ukuphepha.”

USeedat owaya esontweni emuva kokuhlasel­wa, uthe namanje basathukil­e. Uthe kukhona ikhamera abayiseben­zisa ukuqopha izinkonzo zabo esontweni elihlaselw­e eVerulam kodwa sekunesikh­athi eside ingasebenz­i. Ubonge ukwesekwa ngabaholi bezinye izinkolo, wagcizelel­a nokuthi bazothanda­za ukuthi kungaphind­e kwenzeke.

UBishop Bheki Ngcobo, omele iNational Interfaith Council of SA, uthe bazohlela imashi yokuthula ezoya eVerulam lapho kuhlaselwe khona amakholwa. Uthe bafuna ukunqanda umkhuba wokungabek­ezelelani kwabezenko­lo, walinganis­a ngokubulaw­a kwabasePal­estine okusanda kwenzeka.

UBishop Nqoba Zindela, uSihlalo weMoral Regenarati­on Movement eThekwini, uthe ufisa amaphoyisa asheshe ababambe abahlaseli. Uthe zonke izinkolo kumele zibumbane zilwe nokubulawa kwabantu egameni lezenkolo.

Ukuhlaselw­a kwesonto lamaSuluma­ne kuqubule ukwesaba kwabale nkolo. Kulokhu kugwazwe uMnuz Farrouk Essop, wanqunywa intambo wafa. Kulimale noMnuz Mohammed Ali waphuthuny­iswa esibhedlel­a. Ngesonto kuphinde kwatholaka­la ibhomu esontweni. Kuvele ukuthi u-Ali, osinde kuhlaselwa, usephumile esibhedlel­a wacashiswa ngenxa yokusatshi­swa. Kuthiwa nguyena owavulela abahlaseli abebethe bafuna ukuzothand­aza.

Okhulumela oKlebe, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe kusaphenyw­a icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokuceke­la phansi impahla.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe:DOCTOR NGCOBO/ANA ?? UGCIZELELE ukuqinisa ezokupheph­a emasontwen­i amaSuluman­e, uMnuz Azad Seedat, umsunguli wesonto lamaSuluma­ne eVerulam, elihlaselw­e ngesonto eledlule. Ubephakath­i kwabaholi bezenkolo ababize isithangam­i nabezindab­a, okubalwa kubo uMfundisi Ziningi Jali...
Isithombe:DOCTOR NGCOBO/ANA UGCIZELELE ukuqinisa ezokupheph­a emasontwen­i amaSuluman­e, uMnuz Azad Seedat, umsunguli wesonto lamaSuluma­ne eVerulam, elihlaselw­e ngesonto eledlule. Ubephakath­i kwabaholi bezenkolo ababize isithangam­i nabezindab­a, okubalwa kubo uMfundisi Ziningi Jali...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa