Isolezwe

Kuhlelwa imashi kaSenzo Meyiwa

- LUNGILE MAJOKA

KUHLELWA imashi yokugqugqu­zela amadoda aqotho ezohambisa­na nemidlalo yokukhumbu­la owayenguno­zinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.

Lokhu kuvezwe izolo ngabagqugq­uzeli bemidlalo ezokuba seKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoJuni 9.

Ngokusho kukaSibusi­so Gumede weNUZ Events ongomunye wabaxhase imidlalo nemashi, inhloso wukukhumbu­la uMeyiwa kuphinde kukhuthazw­e abesilisa emiphakath­ini ukuthi baphile impilo eqotho.

Imashi izokuba ngoJuni 2, isuka eMangosuth­u University of Technology iyophelela esiteshini samaphoyis­a kwa-V eMlazi.

“Lena ngenye yezindlela esikhumbul­a ngayo uMeyiwa njengoba ubaba (uSam Meyiwa) eke washo ukuthi ubengumunt­u obelibheki­le ikhaya. Sifuna ukugqugquz­ela abesilisa ukuthi baphile impilo eqondile. Simema abancane nabadala ukuthi babe yingxenye yale mashi,” kusho uGumede.

UGumede nabambisen­e nabo, uNathi Ngwenya weNN Holdings noNtokozo Sikhakhane, bathe bafisa imicimbi kaSenzo kube yinto eyenzeka minyaka yonke kodwa konke kuzoncika oxhasweni abaluthola­yo.

Ubaba kalo nozinti owabulawa ngokudutsh­ulwa eVosloorus, eGoli, uSam Meyiwa, uyakweseka okuzokwenz­eka.

“Sekuphele iminyaka emingaka kungenzeki­le lutho kodwa manje nakhu kubonakala engathi uNkulunkul­u uyaphendul­a.

“Ngesikhath­i bengitshel­a ngezinhlel­o zabo ngambiza umfana ngathi, Senzo nakhu kubonakala sengathi izinto ziyenzeka.

“Ngicela uNkulunkul­u abanike amandla baqhubeke,” kusho uMeyiwa.

Umfundisi Vusi Dube webandla i-ECC ukuqinisek­isile ukuthi uzoba yingxenye yale mashi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa